UFernandes uchazwa abathuthela enhla ne-Afrika
- Alfred NGUBANE
Siyanda isibalo sabadlali nabaqeqeshi bakuleli abafudukela emazweni amaSulumane afana neMorocco, Egypt, Algeria, neTunisia.
Lokhu kuyinto enhle, kodwa okukhathazayo wukuthi kuncipha abafudukela phesheya kwezilwandle.
UPitso Mosimane nguyena ivulandlela kubaqeqeshi njengoba asuka kuleli wayoqeqesha e-Egypt kwi-Al Ahly.
Leli kwaba yigxathu elikhulu kanti impumelelo yakhe seyivulele nabanye abaqeqeshi ukuthi babukwe ngelinye iso amaqemu akulamazwe asenhla ne-Afrika.
Nabadlali abanjengoPercy Tau we-Al Ahly owalandelwa nguFagrie Lakay wePyramids FC, benze umsebenzi omuhle ukukhangisa abadlali bakuleli.
Kubaqeqeshi sekulandele uRulani Mokwena othathwe yiWaydad Atletic Club, wahamba nethimba lakhe elinoSinethemba Badela, u-Allen Freese, uSibusiso Mahlangu, uSean Louw, noSibusiso Makitla.
U-Elias Mokwana we-Esparance yaseTunisia noKhanyiso Mayo weCR Belouizdad yase-Algeria ngabanye babadlali bakamuva .
Inkakha yakuleli, uRowen Fernandes, owazakhela igama kwiKaizer Chiefs nakwiBafana Bafana uthi yimakethe enhle le etholwe enhla ne-Afrika.
“La mazwe adume ngokukhokha kahle kubadlali futhi amaqembu akhona awagodoli nemali,” kusho uFernandes.
“Amaqembu eBetway Premiership azothwala kanzima ukuthola abadlali abanohlonzo abaqhamuka emazweni ase-Afrika manje ngoba bonke bazolandela ibhodwe eliconsayo kula mazwe asenhla.”
OLUNYE UDABA: Ngabe uSirino uzosebenza kwiChiefs? UMasilela unombono
Omunye umqeqeshi wakuleli osebenza ngaphandle nguFadlu Davids okwiSimba SC yaseTanzania engelinye lamaqembu akhula ngesivinini.