Ezintsha

OweSinenkani ufuna kumiswe ukuqala kwemidlalo yeNFD

Leli qembu lase-Eastern Cape elidlala kwi-ABC Motsepe League lisalinde iNkantolo eNkulu yaseMakhanda ukuthi ikhiphe isinqumo ecaleni layo elifake iSafa ngemidlalo yokuhlunga kazwelonke ye-ABC Motsepe League.

ISinenkani isiphonsele inselelo ngempumelelo isinqumo seSAFA sokukhiphela ngaphandle amaqembu ase-Eastern Cape naseLimpopo kule midlalo njengoba bekusenamacala aqhubekayo kulezi zifundazwe. 

Naphezu komyalelo wenkantolo wesikhashana wokumisa imidlalo, iSafa yaqhubeka nayo, yawuqeda umqhudelwano, yakhipha amaqembu amathathu anyuselwe kwiChampionship.

Udaba lwalalelwa ngo-Agasti 5 no-6 yibhentshi eligcwele lamajaji amathathu. Kodwa njengoba isizini entsha izoqala ngo-Agasti 22, usihlalo weSinenkani uNathi Nqoko uzwakalise ukukhathazeka ngokubambezeleka kokuphuma kwesinqumo.

“Sisenethemba lokuthi ubulungiswa buzokwenzeka,” kusho uNqoko kwiSABC Sport. 

“Sivumile ukuthi lolu daba luyaphuthuma, yingakho kwaqokwa amajaji amathathu. 

“Size sathi uhlelo lwemidlalo yeNFD seluphumile, manje sisele nezinsuku ezimbili kuphela. 

“Amajaji kufanele enze ubulungiswa ngoba inkantolo inomthwalo wemfanelo.”

Ompetha bakazwelonke be-ABC Motsepe, iGomora United (yaseGauteng), iMidlands Wanderers (yaKwaZulu-Natal) neThe Bees (yaseMpumalanga) yiwo amaqembu akhushulelwe kwiChampionship.

Azoqala imidlalo yawo kulesi sigaba esisha ngoLwesihlanu. UNqoko ugcizelela ukuthi ngeke kube wubuhlakani ukuqhubeka nemidlalo ngaphambi kwesinqumo. 

“Uma isinqumo sivuna thina, yonke imidlalo yalamaqembu akhushulwe ngenqubo engekho emthethweni kufanele imiswe kuze kuqalwe kabusha eyokuhlunga,” kuqhuba yena.

Uphinde waveza ukuthi namanje iqembu lakhe lisesekhempini, lilinde ukuyodlala le midlalo yokuhlunga. inani 

“Sigcine abafana ekhempini kusukela ngo-Ephreli. Kube nzima, kodwa sinethemba lokuthi ubulungiswa buzokwenzeka.”