
Okwenza i-Arrows isivivinyo esikhulu se-Orlando Pirates
I-Orlando Pirates izobhekana nesinye isivivinyo esibalulekile esizobonisa ukuthi ngabe ikulungele ngempela yini ukulwela isicoco seBetway Premiership kulokhu.
Leli qembu lika-Abdeslam Ouaddou lisenza kahle kanti njengoba livakashele iGolden Arrows eKing Zwelithini Stadium lona nugmdlalo okuzomele ikhombise ngawo ubukhali bayo.
Selokhu ethathe izintambo, uManqoba Mngqithi usebavuselele ngokushesha Abafana Bes’thende, wafaka umoya wokuzikhandla nokuhlasela ngokuzethemba.
Ngaphansi kwakhe, i-Arrows imangaze iMamelodi Sundowns iyishaya ngo 1–0 ngoSepthemba 24.
Ngemuva kwalokho yalandelisa ngokuvulela induku uma isekhaya – ishaya i-Orbit College ngo 3-0, neMarumo Gallants ngo 4-0.
I-Arrows yenza kahle ngaphansi kukaMngqithi
UMngqithi nokho unxusa ukuthi kwehliswe imimoya. Akafuni ukuthi abadlali bakhe bazethembe ngokwedlulele.
“Iqiniso wukuthi, sisesesigabeni sokwakha, futhi akufanele sibe sesijabula kakhulu,” kusho uMngqithi.
“Abafana beza kahle — kusenenqwaba yabafana abancane abangakaze babonwe – futhi lokho kuyangikhuthaza kakhulu.
“Sinesiko lokusebenza kanzima, yilokho engifike nakho lapha eqenjini.”
Wengeze ngokugcizelela ukubaluleka kokuqhubeka nokuzikhandla.
“Uma udlala ibhola ngomqondo wokuthi awukwazi ukuhlulwa lapha, usuke ufana nomuntu odakiwe othi, ‘Angifuni ukuwa’.
“Ugxila kakhulu bese uyasuka ekudlaleni umdlalo wakho ojwayelekile.”
FUNDA NALA | Yenze izinguquko ezimbalwa iChiefs kowe-Orbit
I-Orlando Pirates nayo isemgqigqweni omuhle kwiligi kule sizini, futhi izobe ibheke ukuqhubeka nawo.
Lo mdlalo okulindeleke ujabulise ngebhola elihle elidlalwa yilamaqembu womabili uqala ngo-7.30 ebusuku.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
