EzintshaKaizer Chiefs

OweGalaxy uncoma uKeagan Dolly ‘omangalisayo’

Umqeqeshi weTS Galaxy, u-Adnan Beganovic, usencome indlela umdlali wakhe omusha, uKeagan Dolly adlale ngayo emdlalweni wakhe wokuqala kuleli qembu.

Lo mdlali obekwiKaizer Chiefs futhi owake wadlala nakwiMamelodi Sundowns ubonakale okokuqala kwiGalaxy ngoLwesibili ebusuku. 

Udlale umdlalo wabo weBetway Premiership bebhekeneneSekhukhune United abayishaye ngo 3-1 ePolokwane.  

IGalaxy isayine uDolly ngesonto eledlule. Imthole mahhala njengoba ebengenaqembu kusukela ashiya iChiefs ekupheleni kwesizini edlule.  

UDolly ungene ngomzuzu ka-69, ethatha indawo kaDzenan Zajmovic.  

Ukuba khona kwakhe kwengeze amandla maphakathi nenkundla.  

IGalaxy ithole iwini yayo yokuqala kule sizini ngokunqoba ngo 3-1.

UBeganovic, osanda kuqokwa njengomqeqeshi oyinhloko, ungene esikhundleni sikaSead Ramovic. 

Uveze ukuthi uDolly, nakuba enekhono, akakafaneleki ngokugcwele futhi udinga isikhathi esengeziwe ukuze afinyelele esimweni somzimba esifanele. 

Nokho lo mqeqeshi unethemba ukuthi uma lo mdlali wasesiswini esesesimweni, uzoba nomthelela omkhulu eqenjini lakhe.

“Ungumuntu omangalisayo, okokuqala, futhi ungumdlali webhola omangalisayo onekhono elimangalisayo,” kusho uBeganovic. 

“Kodwa udinga isikhathi sokuqina futhi akwazi ukudlala imizuzu engu-90. 

“Nokho, ngicabanga ukuthi esikhathini esizayo uzosisiza kakhulu.

“Akakude ukuthi aqale imidlalo. Kodwa sidinga abadlali abafana naye; uyakwazi ukudlala. “Okwamanje, kuwukuthi nje akanakho ukuqina okufanele komzimba.”

IRockets manje seyizogxila emdlalweni wayo olandelayo weligi nePolokwane City ngeSonto.