
OweSafa ubabaza inhlanhla kaMiddendorp – usola ‘idliso’
Udaba ngu-Alfred Ngubane
Umengameli weSafa eThekwini, uMazwi Mkhize usezwakalise ukungakholwa ukuthi kungani amakilabhu ePSL eqhubeka ngokushintshisana ngabaqeqeshi ababodwa.
Ukhala ngokuthi kukhona nomqeqeshi ongafunga ukuthi wabadlisa abaphathi bamaqembu ngendlela abamthanda ngayo ebe engabenzeli lutho.
Ube esebalula u-Ernst Middendorp, oseqeqeshe emaqenjini ahlukene angaphezu kuka-10 kwiPSL kusukela afika kuleli.
Uthe ungumqeqeshi onenhlanhla enkulu ngoba imiphumela asuke eqashelwe yona ayiveli, kodwa akawusweli umsebenzi.
“Ngikhathazekile ngokuthi abaphathi bamaqembu ePSL basuke bethi benzani ngokuqasha lowo mqeqeshi omdala waseGermany, u-Ernst Middendorp.
“Uqashwa ngendlela engakholakali emaqenjini ePSL,” kusho uMkhize engxoxweni ekhethekile neLisenethini.
“Angazi ukuthi yini ayaziyo noma ayazela abaphathi beDurban City ngoba uhlezi enomsebenzi omlindile kuyo…
“Lokho kuqale ngaphambi kokuthi bashintshe igama layo, isabizwa ngeMaritzburg United, lapho ayeqashwa, axoshwe kaninginingi.”
UMiddendorp ubesebenza njengomqondisi wezokuqeqesha kwiDurban City, kodwa izinto zasheshe zaba muncu njengoba engakwazanga ukusebenza kahle nomqeqeshi uGavin Hunt.
Leli qembu selibunqamulile ubudlelwano noMiddendorp, lithi ubenenkontileka yesikhashana esiphelile.
Njengamanje ukhonjwa ekilabhini cishe enkulu kunawo wonke kuleli, iKaizer Chiefs kulandela ukushiya kwakhe kwiDurban City.
“Ngikholwa wukuthi uNtshebe (umnikazi weDurban City, uFarook Kadodia) wenze iphutha ngesikhathi emqasha kanyekanye noGavin Hunt.
“Ngokwezigaba zomsebenzi, uMiddendorp ubenegunya elikhulu kunoHunt ngenxa yesikhundla sakhe sokuba ngumqondisi wezokuqeqesha.
“Beyingeke ize isebenze lento yabo. UHunt ubengeke amlalele nhlobo uMiddendorp, njengoba uHunt ezuze izinto ezingcono njengomqeqeshi kunaye,” kwengeza uMkhize.
“Wenze kahle ngokushiya iDurban City ngoba bebengamdingi nhlobo; bewungekho umsebenzi wakhe njengoba kukhona uGavin Hunt nje.
“UHunt usenqobe isicoco seligi amahlandla amane, iMTN8, iTelkom Knockout, neNedbank Cup kabili.
“UGavin Hunt ungumqeqeshi onolwazi olunzulu ngebhola lakuleli, futhi ubaqonda kahle nabadlali.”
FUNDA NALA | ILupopo iyaziphendulela ngezinsolo zokurobha iPirates
UMkhize ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa iSiyakhula Cup yaMaZulu FC eMoses Mabhida Stadium kuleli sonto.
