
OweChiefs uzosebenzisa oweDowns ukuzifaka kwiBafana
UMduduzi Shabalala sekuphele iminyaka emibili elokhu ekhombisa ukuthi engagcina engumdlali omkhulu – hhayi kwiKaizer Chiefs nje kuphela, kodwa nakwiBafana Bafana.
Lo mdlali waMakhosi oneminyaka engu-21 ubudala ungenile eqenjini labadlali umqeqeshi weBafana uHugo Broos azohlunga kubo azobasebenzisa emidlalweni yangoSepthemba.
IBafana inemidlalo enzima yokuhlungela iNdebe yoMhlaba neLesotho neNigeria ezoba seFree State kanti uShabalala unethemba lokuba khona eqenjini lokugcina elizoqokwa.
“Ngicabanga ukuthi kuyiphupho lawo wonke umdlali ukungena kwiBafana,” kusho uShabalala kuleli sonto.
Ubekhuluma ngaphambi komdlalo weChiefs neMamelodi Sundowns obhekwe ngabomvu ozoba seFNB Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Akungabazeki ukuthi uBroos nephini lakhe uHelman Mkhalele bazobe bekhona kulo mdlalo bezobabukela kahle abadlali ababaqokile.
Yingakho uShabalala azi ukuthi ikusasa lakhe kwiBafana lincike ekutheni udlala kanjani kulo mdlalo nolandelayo weChiefs.
“Kimi, ngicabanga ukuthi ngidinga ukusebenza ngokuzikhandla kule midlalo emibili ezayo ukuze ngizifake eqenjini lesizwe.
“Akulula ukungena eqenjini lesizwe, kodwa okuhle wukuthi ikilabhu yami yenza kahle okwamanje kule sizini.
“Ngakho, kimi, okumele ngikwenze wukusebenza bese ngilinda isikhathi esifanele. Ngicabanga ukuthi isikhathi esifanele yiso lesi – futhi ngikholwa wukuthi izinto zizokwenzeka.”
FUNDA NALA | U-Ouaddou uhlonza okusashoda kwiPirates
Umbango wezindawo eqenjini likaBroos mkhulu kakhulu futhi okuhle wukuthi uShabalala uyazi kuzomele akusebenzele ukungena kulo.
