
UHugo Broos uveza akucoshe kweleRabhi asebejimini yalo
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, uthi kukhona akucoshile eqenjini lesizwe lerabhi futhi usazophindela kulo ayocosha okunye.
UHugo Broos uveze ukuthi ube nomhlangano “othokozisayo” nomqeqeshi wamaBhokobhoko uRassie Erasmus muva nje.
U-Eramus, ongungqondongqondo webhola lombhoxo wamema uBroos ukuthi achithe izinsuku ezimbalwa eziqeqesha lakhe.
Lo mqeqeshi wamaBhokobhoko ube esefaka isithombe sabo bebobabili ezinkundleni zokuxhumana.
Uncome uBroos wathi ufunde izinto ezimbalwa kuye okumele azisebenzise eqenjiini lakhe.
Laba bobabili bahlangana emcimbini weCastle Lager ngesonto eledlule, base behlela ukuqhuba ubudlelwano babo.
UHugo Broos ukhulume ngomhlangano wabo ngesikhathi ememezela iqembu lakhe elizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
“Bekuwumhlangano omuhle,” kusho uBroos. “Sivumelene ukuphinde sihlangane futhi ukuze sixoxe ngokuthi siwaphatha kanjani amaqembu ethu.”
Umqeqeshi weBafana uveze ukuthi simjabulisile lesi simemo sika-Erasmus.
“Uma ithuba livuma, ngizohamba ngiyobuka umdlalo futhi ngichithe izinsuku ezimbalwa la beziqeqeshela khona. Ngijabule ngalokho.”
U-Erasmus ubambe iqhaza elikhulu empumelelweni yamaBhokobhoko yakamuva.
Uwaholele ekunqobeni iNdebe yoMhlaba yeRabhi ngo-2019 nango-2023.
Ubuholi bakhe buguqule iqembu ngemuva kweminyaka lidonsa kanzima futhi seliphenduke inhlekisa.
UBroos naye uuselele iBafana, wayenza iqembu elihloniphekile kulandela iminyakanyaka yokubhacaza.
Uyiqedise endaweni yesithathu kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, okuyindawo ephezulu leli qembu eliqede kuyo eminyakeni engu-24.
Leli qembu selikwazile ukungena kwi-Afcon elandelayo ezoba seMorocco ngoDisemba.
Futhi kumanje iBafana isendaweni eqinile kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba elandelayo.
Izihola phambili kuGroup C neRwanda njengoba benamaphuzu alinganayo.
Ukunqoba kwiLesotho ngoMashi 21 neBenin ngoMashi 25 kuzokhulisa amathuba ayo okufinyelela kwiNdebe yoMhlaba ka-2026.
Njengoba womabili amaqembu esizwe echuma, umhlangano kaBroos no-Erasmus ungase ubonise ikusasa eliqhakazile kwezemidlalo eNingizimu Afrika.
