EzintshaKaizer Chiefs

UKaze ufanise uKwinika neqhawe elinofakazi lase-Afrika

ALFRED Ngubane

Uqhathanise uZitha Kwinika noKolo Toure, owazakhela igama kwi-Arsenal iLiverpool neManchester City kwi-English Premier League.

UKaze uphawule ukuthi ngesikhathi uKolo Toure ehlolwa kwi-Arsenal, wadlala ngokukhulu ukuzimisela.

Indlela ayezimisele ngayo waze wagcina elimaza izihlabani zaleli qembu uThierry Henry noDennis Bergkamp. 

“U-Arsene Wenger wasayina uKolo ikakhulukazi ngoba engumdlali owenqabayo ukuhlulwa yinoma yimuphi omunye umdlali,” kusho uKaze.

Ngokusho kukaKaze, uKwinika unomoya “wokungahlehli’ oyisiphiwo esikhethekile kubadlali.

“Ungumdlali okuzondayo ukuhlulwa uma ebhekene ngqo nomunye umdlali,” kuqhuba uKaze. 

“Usebenza kanzima ngendlela emangalisayo ejimini, futhi unekhono lemvelo lobuholi.”

UZitha Kwinika – oneminyaka engu-32 ubudala – uke wadliwa yibhentshi kulandela ukufika kukaNasreddine Nabi eNaturena.

Lokhu kwakungenxa yamaphutha ayenzeka besaqala ukudlala ndawonye no-Inacio Miguel emuva maphakathi nenkundla.

Kuzokhumbuleka ukuthi uKwinika usayinwe yiKaizer Chiefs esedlala kwiStellenbosch FC la ayeyinsika yayo emuva. 

Wayekade ekhulele kuyo iChiefs futhi ekhiqizwe yizinkulisa zayo, okwenza u-Arthur Zwane amlande uma esengumqeqeshi weqembu elikhulu.

Kodwa uqale wathwala kanzima ukuthola ifomu yakhe kuMakhosi. Nokho usephenduke ingxenye enkulu yeqembu futhi wanqoba iNedbank Cup ngesizini edlule.

Futhi njengoba abaqeqeshi bakhe sebemfanise nengwaiz enkulu kangaka, lokho kufanele kumkhuthaze ukuhti enze kangcono nakakhulu.