
OweBay ‘uvume’ eyokuhalelwa kukaMbuthuma awaseGoli
Umqeqeshi weRichards Bay, uRonnie Gabriel, usedalule ukuthi nebala ikhona intshisekelo kumgadli wabo osemncane uYanela Mbuthuma.
UGabriel uthi ngokwazi kwabo njengabaqeqeshi, uYanela Mbuthuma usazohlala kuleli qembu yize iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates bemfuna uthuli.
Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala ungomunye wababonakala benekusasa elihle kwiPSL naseqenjini lesizwe iBafana Bafana aseke walunguza kulo.
UYanela Mbuthuma ubambe elikhulu iqhaza kuleli qembu ngokungagcini nje ngokusiza ekutheni lihlale kwiBetway Premiership, kodwa ligcine liqde endaweni yesishiyagalombili kwilogi.
Ushaye igoli emdlalweni wabo wokugcina kule sizini ngesikhathi behlula iSuperSport United esengcupheni yokugawulwa yizembe ngo 2-0 ePeter Mokaba Stadium ngempelasonto edlule.
“UMbuthuma ube muhle kakhulu kule sizini, ukhombise ukuthembisa okukhulu,” uGabriel ucashunwe esho kanje yi-iDiski Times.
“Futhi ngesizini ezayo sikholelwa ekutheni uzokhula, abe ngcono kakhulu kunalokhu abeyikho.
“Ngokwazi kwethu usazoba ngumdlali weRichards Bay nangesizini ezayo.
“Ungumdlali owenza kahle lapha kithi, wenza kahle masonto onke – ejimini asemidlalweni.
“Sijabule ngokudlala kwakhe, ube ngumdlali ovelele kule sizini,” kuqhuba uGabriel.
UMbuthuma ushaye amagoli angu-10, wasiza ekwakheni ayisishiyagalombili kwiNatal Rich Boyz emidlalweni engu-82 kusukela ekhushulelwe eqenjini elikhulu.
Ngaphambi kwalokho ubegila izimanga eqenjini lenkulisa laleli qembu elidlala kwiDStv Diski Challenge.
Kubikwa ukuthi iRichards Bay imsayinise inkontileka entsha yesikhathi eside ukuze iphebeze amanqe abemzungeza.
Kubikwa ukuthi uYanela Mbuthuma usedonse amehlo ezinhloli zezinkunzi zaseGoli, iPirates neChiefs.
Ukuzethemba kwakhe nejubane kumenza abe ngumgadli wesimanje ongakhula abe sezingeni elihle kakhulu uma engaqhubeka nokuzikhandla.
