
Owe-Orlando Pirates ucacisa eyokusayinwa kukaSipho Mbule
Umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usekucacisile ukuthi akabanga nasandla ekusayinweni kuka-Sipho Mbule.
Uthi lesi sinqumo sikhombise isibindi sabaphathi bekilabhu — kanti siyithuba lesibili elibalulekile kulo mdlali wasesiswini onekhono kodwa onezinkinga zokuzingaphathi kahle.
Ukushintsha kuka-Sipho Mbule esuka kwiMamelodi Sundowns eya kwi-Orlando Pirates kumangaze abaningi ebholeni lakuleli.
Isimemezelo sokusayinwa kwakhe senziwe ngemuva kosuku kade kumenyezelwe ukuqokwa kuka-Ouaddou.
Lokhu kwenze kwaba nokucabanga ukuthi lo mqeqeshi waseMorocco ube nesandla ekusayinweni kwalo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala.
Kodwa ekhuluma kwiPirates TV, u-Ouaddou ukuchithile lokho.
“Kuyahlekisa ngoba ngesikhathi ngikhuluma ngo-Sipho Mbule (ohlelweni lomsakazo lukaRobert Marawa), i-Orlando Pirates beyingakangithinti.
“Ngabuzwa nje ngohlobo lwabadlali engibathandayo, ngaphendula,” kuchaza u-Ouaddou.
“Ngikhulume ngaye ngoba ngiyabathanda abadlali abakwazi ukugcina ibhola — abadlali abangalesabi ibhola futhi abafuna ukudlala beya phambili.”
Yize u-Ouaddou ephikile ukuthi nguyena owacela lo mdlali, usijabulele lesi sinqumo.
Uncome abaphathi bePirates ngokweseka lo mdlali osecishe waphelelwa wumsebenzi wakhe ngenxa yezinkinga zangaphandle kwenkundla.
“Abadlali abafana noMbule badinga ukuphathwa ngendlela efanele. Unethalente, lokho akungatshazwa.
“Kodwa mhlawumbe akazange athathe izinqumo ezifanele. Mhlawumbe ubecabanga ukuthi usekwenze konke ebholeni,” kusho u-Ouaddou.
UMbule, owake wabonwa ezova yisihlabani sesikhathi eside Bafana Bafana, akuzange umhambele kahle kwiSundowns ngenxa yokungaziphathi kahle.
U-Ouaddou ukuvumile ukuthi imuva lakhe lishayisa amakhala, kodwa wathi ikhono lalo mdlali limenza alifanele elinye ithuba.
“Ebholeni, uma ungawuhloniphi umsebenzi wakho, noma wena uqobo, uyathotshiswa,” kusho lo mqeqeshi obekwiMarumo Gallants.
“Kodwa uma unakekela umzimba wakho ngendlela efanele, uqapha indlela yakho yokuphila, umdlalo ibhola liyakuphakamisa.
“UMbule uyidayimane — kodwa amadayimane adinga ukupholishwa endaweni efanele.”
U-Ouaddou uthe ithimba labaqeqeshi lizibophezele ekusizeni u‘Master Chef’ ukuthi iphinde athole umgqigqo wakhe
“Akaseyena umdlali osemncane. Leli thuba liyiisibusiso kuye — futhi liwumlayezo kuye,” kusho lo mqeqeshi waseMorocco.
“Sizomeseka, kodwa kulele kuye manje. Sizokwenza konke ukumbuyisela esimweni esifanele.”
Uphethe ngokuzwakalisa ithemba lokuthi u-Sipho Mbule ngeke enze i-Orlando Pirates izisole ngokumsayinisa.
“Uma enza okudingekayo, u-Sipho Mbule uzoba wukugembula okuhle kakhulu kwe-Orlando Pirates. Ngiqinisekile ngo-100% ukuthi angasisiza.”
UMbule ujoyina iqembu elivuselelwe kabusha lePirates elizoqala uhambo lwangaphambi kwesizini eSpain ngaphansi kuka-Ouaddou ngesonto elizayo.
Futhi manje wonke amehlo azobe ebheke ukuthi uzolisebenzisa leli thuba ukuthi agcine eyinkakha yeqembu, noma uzophinde adlebeleke.
