
Owe-Arrows uthakasile ngokuqokwa kukaMbanjwa kwiBafana
Iphini lomqeqeshi kwi-Golden Arrows, u-Ashley Makhanya, useveze ukujabula ngokuthi abadlali bamaqembu athathwa ngokuthi mancane nabo sebeyanakwa kwi-Bafana Bafana.
UMakhanya ukhulume kanje kulandela ukubizelwa kukanozinti waBafana Bes’thende, uThakasani Mbanjwa, esikwatini uPitso Mosimane azohlunga kuso abadlali azobasebenzisa emidlalweni yokuhlungela i-Afcon ngenyanga ezayo.
UMbanjwa ufakwe ohlwini noRicardo Goss, uRonwen Williams noSipho Chaine, njengoba uPitso Mosimane eqhubeka nokubheka abadlali abazomela izwe.
UMakhanya uthi ukubizwa kukaMbanjwa akusona isimanga, kodwa kuwumvuzo wokusebenza kahle kwakhe.
“Siyajabula ukuthi iqembu elifana neGolden Arrows, elinabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu, liyabathola laba badlali ukubizwa eqenjini lesizwe.
“Bakufanele lokho ngokusebenza kwabo,” kusho uMakhanya.
Uveze ukuthi akukhona okokuqala i-Golden Arrows ibona umdlali wayo ebonakala ezinhlelweni zabaqeqeshi be-Bafana Bafana.
Phambilini bekunguVan Neel obefakwe esikwatini sokuqala, kanti manje sekunguMbanjwa.
UMakhanya ufisa ukuthi lo mkhuba uqhubeke, egcizelela ukuthi abadlali kumele bahlulelwe ngendlela abadlala ngayo, hhayi igama leqembu abagijima kulo.
“Ekugcineni kubalulekile ukudlala kahle. Uma umdlali enza kahle nangokulandela uhlelo lweqembu, maningi amathuba okuthi abizwe,” kuchaza yena.
Ube esethi abadlali akudingeki bathuthele emaqenjini amakhulu ukuze babonwe amaqoki beqembu lesizwe.
“Awudingi ukuya eqenjini elibizwa ngokuthi likhulu ukuze ube yingxenye yeqembu lesizwe,” kusho uMakhanya.
- FUNDA NALA | IChiefs isameseka uDa Cruz ophikwa yimiphulela
KuMbanjwa ne-Golden Arrows, ukungena kwakhe kwi-Bafana Bafana kuwumvuzo wokusebenza kahle.
Kwamanye amaqembu eBetway Premiership, kungumyalezo wokuthi ukusebenza kahle kungavula umnyango weBafana Bafana noma ngabe udlala kuliphi iqembu.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
