EzintshaOrlando Pirates

BUKA: Umlandeli ukhala ngoSipho Chaine ‘osezitshela’ 

Ekhuluma kwi-Ama Fans Wethu, lo mlandeli uthe sekunesikhashana eyinaka indaba kaChaine nokuzazisa, kodwa imxhile kakhulu ngoLwesibili ebusuku.

USipho Chaine ubesezintini ngesikhathi i-Orlando Pirates iwashisa iMagesi FC ijezi kwiCarling Knockout, iyishaya ngo 2-1. 

“Sengiphetha nje, kunento engingajabule ngayo ngoSipho Chaine. Kunesikhathi la, ngicabanga ukuthi bekungumzuzu ka-65 kanje…

“Kube nebhola elilahlwe umfana omncane uCamrin Dansin sacishe saba senkingeni kodwa bekusekhona ezinye izitobha ezilikhavile, zakwazi ukuvimba ingozi. 

“USipho ube esemthethisa kabuhlungu lo mfana, waze wamemeza ngisho nebhentshi elikhombisa ukuthi alimshintshe lo mfana. 

“Akwenziwa lokho. Ngiphoxeke kakhulu ukumbona enza into enjeya,” kusho lo mlandeli. 

Ube eseqhubeka eveza ukuthi akusona isigameko sokauqala esimvezele ukuthi uSipho Chaine usenokuziphakamisa. 

Uthi ngoMgqibelo ngemuva kokuhlulwa yiSt Eloi Lupopo kumaphenathi, abalandeli bebefuna ukumkhombisa uthando lo nozinti kodwa waziqhenya ngabo.

“NangoMgqibelo kwenzekile. Abalandeli basondelile, bezomeseka bememeza, ‘weSipho, weSipho, weSipho.’ 

“Kodwa yena akazange aze asondele kubo, kuschaza ukuthini lokho? Lokhu bekwenzeke ngemuva kokuthi ehlulekile ukuvimba neyodwa iphenathi.

“USipho njengomdlali osemdala eqenjini kumele avumele lo mfana akhule naye. Kwayena uSipho wasayinwa ezoba ngowesithathu konozinti.

“Wayesuka kwiChippa United eze kulesi sikhungo esikhulu esiyi-Orlando Pirates la efike wathola khona ukwesekwa ukuze akhule.

“Ngalokho kwesekwa ukhule waze waba ngowokuqala – waba ngowesibili eNingizimu Afrika. Kumele aseke abafana abancane, hhayi lento yakhe.” 

Bakhona nabanye abalandeli asebeke baveza ukungenami kwabo ngokuziphatha kukaChaine okuthi uma iqembu lingenzanga kahle afune bazibe abalandeli. 

Nangesikhathi kade behhahhameze uTshepang Moremi ekuqaleni kwesizini, wabadonsa wathi abaphume ngemuva komdlalo, bengayi kobonga kubalandeli. Zibukele le vidiyo ngezansi: