
OwaseNigeria ubindwa eyokubizwa ngo-Onana
Unozinti weSuper Eagles, u-Adebayo Adeleye, useveze into emphatha kabi, naxos ukuthi abalandeli bayiyeke ngokushesha – ukumdidanisa nonozinti weManchester United u-Andre Onana.
Njengamanje u-Adeleye useqenjini lesizwe laseNigeria, iSuper Eagles elungiselela umdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 neNingizimu Afrika.
Ucashunwe kwabezindaba eNigeria ezibalisela ngokuthi akayithandi eyokufaniswa nokubizwa no-Onana weCameroon.
U-Onana uyihlaya ebholeni lomhlaba jikelele ngenxa yokuboza akwenza kwiManchester United e-England.
Indlela aboza ngayo, wonke unozinti owenza into ephambene sekuvele kuthiwe ushaya isi-Onana, kanti yikho lokhu okuhlupha u-Adeyele.
Uma ubabuke ujahile, u-Adeyele no-Onana bayafana futhi baze babe nezitayela ezifanayo abazigunde emakhanda.
“Kumphakathi ohloniphekile, ngifisa ukucacisa udaba oluphuthumayo mayelana nokuthi ngingubani.
“Igama lami ngingu-Adebayo Adeleye, futhi ngingunozinti waseNigeria,” ucashunwe esho kanje u-Adeyele.
“Ngeshwa, abanye abantu bangididanisa futhi ngephutha bangibize ngo-Andre Onana, unozinti odumile waseCameroon.”
Uphinde wagcizelela ukuthi nakuba emhlonipha kakhulu lo zakwabo waseCameroon, bangabadlali ababili abahlukene abanobuzwe obuhlukene, nabavimba ngendlela engafani.
“Ngicela ngomusa ukuthi umphakathi ugweme ukungididanisa no-Andre Onana, njengoba singabantu ababili abahlukene…
“Ngiyaziqhenya ngokuba ngu-Adebayo Adeleye waseNigeria, futhi ngingakujabulela uma ubumina bungahlonishwa,” kwengeza yena.
FUNDA NALA | UMere uncoma ubukhali beso lezinhloli zeBucs
U-Adeleye njengamanje udlala kwiVolos NPS eGreece kanti ubanga ijezi noStanley Nwabali odlala kwiChippa United yaseNingizimu Afrika eqenjini lesizwe.
INigeria kumanje ikuleli njengoba izobhekana neBafana Bafana emdlalweni ozocacisa ngendlela yayo eya eNdebeni yoMhlaba ngonyaka ozayo.
Uma inganqobanga kulo mdlalo wangoLwesibili, sekuyomele ivele ikhohlwe wukuthi izoba yingxenye yalo mqhudelwano ozoba se-US, Canada neMexico.
