
‘Osozimali basenhla ne-Afrika kwahalela uTshegofatso Mabasa
Sekunesesheli esisha esingumacaphuna kusale esizidlisa satshanyana kumgadli we-Orlando Pirates uTshegofatso Mabasa.
Sekuvele ukuthi nakuba uMabasa enamaqembu amaningi amfunayo kuleli – okuhlanganisa neKaizer Chiefs – angase alibangise phesheya kwezilwandle.
Lokhu kungemuva kokuvela kwemibiko eveza ukuthi usehehe amehlo ezikhondlakhondla zaseLibya i-Al-Ittihad SC.
Uma lokhu kwenzeka, uzophinde asebenze ngaphansi kukaRulani Mokwena ake asebenza naye kwiPirates phambilini.
Lo mgadli oneminyaka engu-29 ubudala kukhokala ukuthi uzophelelwa yinkontileka kwiBucs ekupheleni kukaJuni.
Njengamanje uTshegofatso Mabasa ubolekiswe kwiStellenbosch FC. Ujoyine iqembu laseKapa ngewindi lokushintshana ngabadlali ngoJanuwari.
Yize engomunye wabadlali abaphambili bePirates eminyakeni yamuva nje, uzithole eseqiwa yijezi ngaphansi kuka-Abdeslam Ouaddou.
Lo mqeqeshi waseMorocco usebenzisa u-Evidence Makgopa noYanela Mbuthuma, okwenze uMabasa wazithola eqiwa yijezi.
Manje njengoba ikusasa lakhe kwiPirates lingacacile, ithuba elisha phesheya lingase libe yindawo ekahle yokuzivuselela.
Bese kuvele kuneminyaka uMokwena emthanda uTshegofatso Mabasa. Wake wazama ukumyasina esekwiMamelodi Sundowns.
“Ngicabanga ukuthi manje wonke umuntu uyazi ukuthi iPirates ayizange ikhombise intshisekelo yokumgcina uMabasa,” umthombo usho kanje kwiFARPost.
“I- Al-Ittihad kaRulani Mokwena ingelinye lalawo maqembu anentshisekelo yokumsayinisa.”
Uma kwenzeka, uTshegofatso Mabasa angase ashintshe umoya asuke kwiPSL ayothola inselelo entsha ebholeni laseNyakatho Afrika.
