
Kwale ukwenza kuMaZulu ebhuliswa amazolo
- Sibongiseni GUMBI
Impi iwehlule AmaZulu FC njengoba esebe yiqembu lokuqala ukuwasha ijezi kwiCarling Knockout ngoLwesihlanu ebusuku.
Usuthu, oselungaphansi kwabaphaki bempi abasha o-Arthur Zwane noVusumuzi Vilakazi, lushaywe yiStellenbosch FC ngo 2-1.
Lo mdlalo obuseKing Zwelithini Stadium udlalwe ngaphansi kwezimo ezingezinhle njengoba bekunemvula ebiyeza ibhola lishelelele, kungadlaleki kahle.
Kube yiStellies esilithola kuqala igoli. Bekungumzuzu ka-24 ngesikhathi uDevi Titus elinamathisela enethini.
Kuze kwayiwa ekhefini kuyiStellies ehamba phambili ngegoli elilodwa. Nalokho kusize uRichard Ofori obedlala umdlalo wakhe wokuqala.
Lo nozinti uchithe amabhola amabi eStellies, eqinisekisa ukuthi Usuthu alusaleli emuva kakhulu.
Esiwombeni sesibili AmaZulu abuye esengconywana futhi asheshe alithola igoli lokulinganisa ngonyawo lukaTsepang Moremi.
U-Ofori uphinde waveza ukuthi kungani esayiniwe kuleli qembu evimba amabhola amaningi amabi eStellies.
Umdlalo uze waphela zibambene, kwacaca ukuthi kumele kuyiwe esikhathini esengeziwe. Sithe sisanda kuqala, yakuphinda lokho iStellies.
UBoy De Jongh ushaye cishe igoli elilula kunawo wonke ayoke awashaye njengoba isitobha soSuthu, uMbongeni Gumede sivele wamphelezela nje, sambuka elingqofa.
Kube yilo leli goli eliqinisekisa ukuthi iStellies iwuqala kahle umkhankaso wayo wokuvikela le ndbe ngesikhathi Usuthu lusala zisuka.
