EzintshaKaizer Chiefs

OweKotoko uhlonza isinongo esishoda ebhodweni likaNabi kwiChiefs

UZito uthi iKaizer Chiefs idlala ibhola laphesheya kwezilwandle, kodwa leli bhola layo libuthaka ngoba abadlali bayo abanawo umuzwa wokulwela umphumela. 

I-Asante Kitoko ishaye iChiefs ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium eThekwini ophele zibambene ngo 0-0.

“IKaizer Chiefs ayidlali ibhola elifana namanye amaqembu ase-Afrika,” kusho uZito ngemuva komdlalo wangoMgqibelo.  

“Kodwa badlala ibhola laphesheya engibona libenzela phansi, kuzomele umqeqeshi (uNasraddine Nabi) ashintshe indlela yokusebenza uma ngabe efuna ukunqoba izindebe neligi.” 

UNabi ubhekwe ngabomvu njengoba lena kuyisizini yakhe yesibili kulezi zinkunzi zaseSoweto.

ILisenethini ike yabika ukuthi lo mqeqeshi waseTunisia usindele ukunqoba iNedbank Cup ekutheni axoshwe ekupheleni kwesizini.

IKaizer Chiefs iqede endaweni eyihlazo njengoba beyisondele kakhulu emqenjini asezindaweni zezembe kunanqobe iligi. 

IChiefs isanda kungena emakethe ithenga abadlali abasha okuthiwa bacelwe uNabi kodwa ngokwemidlalo yokulungiselela isizini, akubonakali kunomehluko omkhulu.

Khonamanjalo uNabi uveze ukuthi kwayena ukhathazekile ngobuthuntu beqembu lakhe uma liya phambili.

Uthe abagadli bakhe basadingwa ukucijwa kakhulu futhi babuyiselwe ukuzethemba phambi kwamapali.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO