
IPirates ijoyina iChiefs kwagaqele oweCity
- Intatheli yeLISENETHINI
I-Orlando Pirates iyiqembu lakamuva elikhombise intshisekelo ngomdlali wasemuva wePolokwane City.
UThabang Matuludi, ongomunye wabadlali abenza kahle kusukela ngesizini edlule, ufunwa yiKaizer Chiefs neStellenbosch FC.
Ngokubika kwePhakaaathi, iPirates icabanga ukwengeza uMatuludi esikwatini sayo engxenyeni yesibili yesizini njengoba ihubha isicoco sayo sokuqala seligi kusukela ngo-2012.
Lo mdlali wasemuva kwesokudla, oneminyaka engu-25 ubudala, udlale kahle kule sizini kanti uphinde wadonsa amehlo omqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.
Ubanga indawo noKhuliso Mudau weMamelodi Sundowns noNyiko Mobbie weSuperSport United kwiBafana.
“IChiefs ibihamba phambili emjahweni wokumsayinisa,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Kodwa ngebhadi lakhe, lokho akuzange kwenzeke ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokugcina lokuhwebelana ngabadlali.
“Kuke kwaba nemibuzo ngaye, ngatshelwa ukuthi iPirates nayo isiqaphile isimo sakhe.
“Uzokhumbula ukuthi iChiefs ibifuna nokuthola uzakwabo u-Oswin Appollis kodwa lokho akuzange kwenzeke.
“Akwenzekanga ngoba usihlalo weCity ungumuntu okunzima ukumenza avume ukudayisa umdlali uma esamdinga.”
UMatuludi ubizwe esikwatini sabadlali abangu-38 seBafana esizobhekana ne-Uganda neSouth Sudan.
Kodwa usalile ngesikhathi uBroos eseqoka iqembu lakhe lokugcina labadlali abangu-23 ngesonto eledlule.
