Bafana BafanaEzintsha

Okuxhile abalandeli iSafa ibungaza iBafana Bafana

Umqeqeshi uHugo Broos, iphini lakhe uHelman Mkhalele, nemenja yeqembu uVincent Tseka bebekhona kulo mcimbi ukuzokwamukela izipho zeqembu. 

Lo mcimbi bewungumzuzu wokuziqhenya ebholeni laseNingizimu Afrika njengoba iBafana ingene kwiNdebe yoMhlaba okokuqala eminyakeni engaphezu kwamashumi amabili. 

Igcine ukudlala kulo mqhudelwano ngo-2010 ngesikhathi ingosokhaya, kodwa ukungena ngokudlula emidlalweni yokuhlunga yagcina ngo-2002. 

Izikhulu zeSafa zincome ithimba labaqeqeshi ngokuzikhandla, ukuziphatha kahle, nokulwa kuwo wonke umkhankaso wokuhlunga.

Ishicilele izithombe zalo mcimbi ngoLwesibili ebusuku kanti ukubonakala kukaTseka kubacikile abalandeli abafuna aquliswe ngephutha elicishe laphuthisela iBafana indawo kulo mqhudelwano. 

UTseka wahluleka wukwazisa abaqeqeshi ukuthi uTeboho Mokoena umisiwe ngesikhathi bedlala neLesotho ngoMashi.

Ngenxa yalokhu, iFifa yaphuca iBafana Bafana amaphuzu amathathu, kanti lokho kwabeka iqembu engcupheni yokungangeni kulo mqhudelwano. 

Kodwa njengoba sekuqhubeka amalungiselelo eCaf Africa Cup of Nations engoDisemba, iBafana Bafana izogxila ekuqhubekeni nomfutho wayo kulo mqhudelwano.