Ezintsha

Sekungene omacaphuna kusale embangweni kaBasadien

Futhi kulokhu amaqembu amfunayo akuwona awakuleli kuphela.

Kubikwa ukuthi kukhona osondonzima ababili baseNyakatho Afrika nabo bangenele ngokusemthethweni umbango wokumsayina.

Imenenja yakhe isikuqinisekisile kwiSABC Sport ukuthi amaqembu amanibili asenhla ne-Afrika asefake izicelo ezisemthethweni ngalo mdlali weBafana Bafana.

UFawaaz Basadien, osanda kusayina inkontileka yesikhathi eside kwiStellies, usengumdlali oyigugu kuleli qembu laseCape Winelands. 

Kepha njengoba imenenja yahe uBasia Michaels esedalulile, lokho akuzange kuvimbe amakilabhu ekuzameni ukumthola.

Futhi njengoba i-Afcon ka-2025 isondela, kungas ekube yisikhathi esikahle lesi kuye ukuthi ayothola inselelo entsha.

“Yebo, kuyiqiniso ukuthi sithole engingakuchaza njengamabhidi avela emaqenjini amabili aseNyakatho Afrika,” kusho uMichaels.

“Yizicelo ezinhle kakhulu ezinemali enkulu. Kodwa ngeke sivele sigxume nje.

“Phela uFawaaz usenenkontileka, futhi yiStellenbosch ephethe wonke amakhadi.”

Ngesizini edlule, iKaizer Chiefs icishe yamthola lo mdlali kodwa yabuye yamyeka yathatha uBradley Cross obekwiGolden Arrows. 

Futhi manje njengoba isanda kusayiniswa uNkanyiso Shinga mancane amathuba okuthi Amakhosi aphinde angenele lo mjaho.

Izimbangi zayo zaseSoweto, i-Orlando Pirates kungase kube yizo ezigxumela ithuba lokusayina lo wasemuva onekhono.

IPirates iyashoda ngomdlali wasemuva kwesokunxele onamava njengoba u-Innocet Maela ethathe umhlalaphansi, uPaseka Mako wakhululwa.

Nomacaphuna kusale bakuleli, iMamelodi Sundowns kuvela ukuthi sebeke bavela kwiStellies beyocela ukudayisela lo mdlali.

Kodwa kungaba amaphakethe abanzi amaqembu aseNyakatho Afrika anqoba umjaho wokumsayinisa.

Amakilabhu aseNyakatho ne-Afrika aziwa ngokungagodoli nemali nangokugabisa ngethuba lokudlala kwiCaf Champions League. 

KuFawaaz Basadien, umnyakazo ungavula iminyango yokunyukela ezingeni elilandelayo lomsebenzi wakhe. 

Njengoba isizini ka-2025/26 isondela ngokushesha, futhi iwindi lokusayina abadlali selivulwe ngokusemthethweni, amehlo asekwiStellies.

Ngabe uFawaaz Basadien uzohlala kuyo, noma agxumele ukuthola inselelo entsha kwelinye iqembu?