Bafana BafanaEzintsha

Amathemba eBafana aselele kwiNigeria – izitha zayo ezinkulu

Phela njengamanje ukungena kweBafana Bafana kulo mqhudelwano akusekho ezandleni zayo kuphela, kodwa ukulele nasemiphumeleni yeminye imidlalo. 

Leli qembu likaHugo Broos lisendaweni yesibili kuGroup B ngamaphuzu angu-15, lisele ngamabili kwiBenin ngaphambi kwemidlalo yokugcina.

Kuzomele lishaye iRwanda ngembudlu yamagoli ngoLwesibili, bese lithemba ukuthi i-Nigeria neBenin bazodlala ngokulingana, noma kunqobe iSuper Eagles. 

Uma kuqobe iBenin kulo mdlalo, kuyobe sekubhimbile kwiBafana Bafana njengoba amathuba ayo ayobe eselele ekutheni ube yiqembu elisebenze kangcono kwaqede endaweni yesibili emaqoqweni awo.

“Ibhola liyahlekisa kwesinye isikhathi,” kusho umhlaziyi uZipho Dlangalala ngalesi simo esesibhekene neBafana.

“Kuyamangaza ukuthi thina sesidinga iNigeria ukuze siyeeNdebeni yoMhlaba ngonyaka ozayo.

“Yebo ungizwe kahle impela, sidinga iNigeria le eyizitha zethu zangempela futhi ezinkulu.” 

Izinto zithande ukuqansa kakhulu kwiBafana ngemuva kokuhluleka ukushaya iZimbabwe ngoLwesihlanu ebusuku emdlalweni obuseThekwini. 

Le midlalo yokugcina ezodlalwa ngoLwesibili izoqala ngesikhathi esifanayo njengoba izoqala ngo-6 ebusuku yonke. 

INigeria yiyo ezobe isekhaya ibhekene neBenin, neBafana izokwwamukela iRwanda, kanti iLesotho izobhekana neZimbabwe ePolokwane.