
UMalesela usole onompempe eshaywa yiChiefs
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weMarumo Gallants, uDan Malesela, uzwakalise ukungeneliseki kwakhe ngomsebenzi wonompempe ngesikhathi behlulwa ngo 2-1 yiKaizer Chiefs emdlalweni weBetway Premiership.
Lo mdlalo, obungempelasonto, uphele iGallants ingasaphelele kulandela ukuthi uJoseph Molangoane ekhishwe ngekhadi elobomvu ngomzuzu ka-76.
IChiefs isebenzisa lelo thuba, yathola igoli lesibili elenze yanqoba lo mdlalo obuseFree State Stadium.
UMalesela ukholwa wukuthi iqembu lakhe belisezingeni elifanayo neChiefs ngaphambi kwesinqumo sekhadi elibomvu.
“Bekuwumdlalo ophele ngemizwa ehlukene – omnandi nomuncu,” kusho uMasilela.
Lo mqeqeshi weGallants ukugwemile ukugxeka kakhulu onompempe.
Uthe imithetho yeligi nokuhlonipha abaxhasi kuyamvimbela ukuthi asho okuningi.
Nokho, ukwenze kwacaca ukuthi indlela abasebenza ngayo inompempe idinga ukuthuthuka.
“Sonke kufanele sibe amadoda futhi sihloniphe lo mdlalo,” kwengeza uMalesela.
“Sekuyiminyaka eminingi ngisebholeni, futhi ngisalihlonipha.
“Kodwa uma uphambuka emithethweni, kusho ukuthi wena uzibheka njengomuntu omkhulu kunebhola,” esho ebhuqa onompempe.
UMalesela ugcizelele ukubaluleka kokulondoloza ubuqotho bomdlalo, ikakhulukazi njengoba kunabaxhasi nabalandeli abathintekayo.
“Kunabantu abafaka imali kule ligi ukuze iqhubeke kahle. Akumele kube nguwe owona izinto.”
Ube eseveza ukungeneliseki kwakhe ngesinqumo sekhadi elibomvu, esishiye iGallants isengozini.
“Abantu abaphethe ibhola kufanele babheke lezi zimo futhi bazilungise.
“Ukube bengilethe iqembu elalingalungile futhi lahlulwa ngo-8-0, ingabe lokho bekuyoba okulungile kubalandeli?”
UMalesela uphinde wagcizelela ukuthi ibhola liyindlela yokuzijabulisa nokuthi umdlalo kufanele ushiye abalandeli benelisekile, kungakhathalekile ukuthi umphumela uthini.
“Ngisho noma iMarumo ihlulwa, abantu kufanele baye emakhaya bethi, ‘Sibone okuthile kulo mdlalo.'”
Uphethe ngokungabaza ubuqotho besinqumo esiholele ekukhishweni kukaMolangoane.
“Uma unikeza uPopo ikhadi elibomvu ngenxa yokwephula umthetho ohlangothini, futhi kukhona abadlali ababili ngemuva kwakhe, kungani uthi uyena obekungokugcina?”
OLUNYE UDABA:Â UMahamutsa nesiphrofetho sezindebe ezintathu kwiPirates
Naphezu kokulahlekelwa amaphuzu, uMalesela ucacisile ukuthi ukuphathwa komdlalo kumshiye nokukhathazeka.
