
UStuart Baxter uhlonza umqeqeshi ongavusa iChiefs
UStuart Baxter usencome ukuba iKaizer Chiefs iqashe uBenni McCarthy uma kwenzeka idinga umqeqeshi ekupheleni kwesizini.
Lo mqeqeshi osebenze amahlandla amabili futhi wanqoba iligi kabili neChiefs phambilini.
Manje ukholwa ukuthi uMcCarthy “unakho konke” okudingekayo uma laba baqeqeshi abakhona njengamanje begawulwa yizembe.
Isizini yaMakhosi isivele yabheda ngesikhathi esibi kakhulu lapho sekubhekwe entanjeni.
Leli qembu lisanda kuhlulwa kane kulandelana, osekulenze lasilela emuva ngamaphuzu angu-11 kwi-Orlando Pirates ezihola phambili.
Ukunqoba ngo 1-0 kwiDurban City ngempelasonto kulethe ukuphefumula okuncane, kodwa abalandeli abakagezeki.
- KUMELE KULUNGISWE
UStuart Baxter uke wakuveza ukuthi ngesikhathi ekuleli qembu ihlandla lakhe lesibili, ufice isimo singesihle futhi etshelwa okumele akwenze.
Manje usexwayise ngokuthi umqeqeshi omusha eyedwa ngeke azixazulule izinkinga ezijulile eNaturena.
Uveze ukungabaza ngokuthi abaqeqeshi abakhona njengamanje ngabe basebenza ngenkululeko noma nabo bacindezelekile.
“Kufanele uzibuze, ingabe laba baqeqeshi ababili (uCedric Kaze noBen Youssef) benza umsebenzi ngokukhululeka, noma basebenza beboshwe izandla?
“Angingayazi impendulo yalokho,” kusho owayengumqeqeshi waMakhosi ekhuluma neFARPost muva nje.
“Manje, uma laba baqeqeshi ababili bexoshwa, kubalandeli kuyobukeka sengathi iChiefs yenza okuthile.
“Kodwa kimina akunandaba ukuthi iletha bani… Kufanele ykhe izimo zokuthi umqeqeshi akwazi ukwenza umsebenzi wakhe.
“Kufanele beseke umqeqeshi, bambuze ukuthi uthini umbono wakhe? Ikuphi afuna ukukwenza?.”
- KUNGANI UBENNI EFANELEKILE?
UStuart Baxter ugqamise ikhono likaMcCarthy lokumelana nengcindezi enkulu njengento emqoka kakhulu kulo msebenzi.
“Ngingathi baningi abaqeqeshi abangayamukela le ngcindezi,” kwengeza uBaxter.
“Engikuqondile ukuthi, bheka, ungamletha uBenni McCarthy kodwa isimo siyamvumela yini ukuthi abe ngumqeqeshi ngokukhululeka futhi umethembe.
“Yilokho uBobby Motaung akwenza kimi. Yilokho uKaizer omdala nawo wonke umuntu abakwenza kimi ngehlandla lokuqala.”
Unxuse umndeni wakwaMotaung ukuthi umethembe umqeqeshi olandelayo njengoba uke wenza nakuye.
UMcCarthy, ucija iKenya njengamanje, futhi useke wakuveza ukuthi umsebenzi weChiefs engawujabulela.
Njengoba indlela iqembu elidlala ngayo nemiphumela ingakhombisi uzinzo, ingcindezi yokuqasha umqeqeshi onegama njengoMcCarthy noma uPitso Mosimane iyakhula.
