EzintshaMamelodi Sundowns

Ngeke siwancenge amahlongandlebe – Sundowns

Abalandeli baleli qembu babefisa ukuzifikela mathupha ethimbeni labaqeqeshi eliholwa uFlemming Berg.

Lokhu kwakulandela ukudlala ngokulingana ne-Al Hilal emdlalweni weCaf Champions League.

Baqale ngokumemezaigama likaPitso Mosimane ngesikhathi abadlali beza kubo bezobonga ukubeseka kwabo. 

Manje iSundowns seyikhiphe isitatimende la igxeka khona ukuziphatha ekubize ngokuthi akukuhle kwabanye babalandeli bayo. 

Iqembu likuqinisekisile ukuthi abantu abambalwa “abangaziphathi kahle” baphazamise futhi basabisa ithimba labaqeqeshi.

Lesi sinyathelo sesenze abaphathi beSundowns ukuthi bakusukumele lokhu ukuze kungaphinde kwenzeke. 

Esitatimendeni esinamagama aqinile, ikilabhu ikubeke kwacaca ukuthi nakuba iziqhenya ngokuzibandakanya kwabalandeli, kunomngcele okungafanele weqiwe.

“ISundowns ibilokhu ikhuthaza ukubamba iqhaza kwabalandelinokuxoxisana, okumele ngaso sonke isikhathi kwenziwe ngenhlonipho,” kusho ikilabhu. 

“ISundowns ngeke ibekezelele nanoma yiziphi izinsongo, ukuziphatha okungekho emthethweni, noma ukusatshiswa yinoma yibaphi abalandeli.” 

Iqembu aligcini ngokukhipha isexwayiso; lithembisa ukubathathela izinyathelo abenzi bobubi. 

Uphenyo lwangaphakathi luyaqhubeka, futhi ikilabhu ifunge ukuthi izoqala izinyathelo ezifanele zomthetho noma zokuqondiswa kobugwegwe.

Lokhu kuphazamiseka uqhamuke ngesikhathi esibucayi kakhulu njengoba amaBrazilians elwela ukuvikela isicoco sawo seBetway Premiership.

Ngaphezu kwalokho abheke ukudla ezinye izicoco edlala kuzo okuyiNedbank Cup neCaf Champiosn League. 

“Abadlali nethimba labaqeqeshi leMamelodi Sundowns bagxile ekuvikeleni isicoco seligi nokufaka inselelo kuyo yonke imiqhudelwano yezindebe,” kuqhuba isitatimende. 

“Lokhu kungafezwa uma kuphela abalandeli beqhubeka nokweseka iqembu ngokulethemba nokuthembeka kulo.”

ISundonws izogadulisana neSekhukhune United emdlalweni weligi ngoLwesibili ebusuku ePolokwane.

Izobe ibheke ukunqoba ukuze iqhubeke nokuziholaphambili kwilogi la exinwe khona kanzinyaka yi-Orlando Pirates.