AmaZuluEzintsha

Ngabe uZungu uzodlala koweDowns? UKanu uyachaza

Umqeqeshi waMaZulu FC, uVusumuzi Vilakazi, usecacise ngabadlali abasha baleli qembu nababhekwe kakhulu oSandile Mthethwa noBongani Zungu.

UMthethwa usayinwe wuSuthu ngemuva kokudedelwa yi-Orlando Pirates ngasekuqaleni kwale nyanga.

Usayinwe ngosuku olufanayo noBongani Zungu obegijima kwiMamelodi Sundowns ngesizini edlule.

UVilakazi, owaziwa ngelikaKanu ebholeni, ubuzwe ngalaba badlali njengoba Usuthu luzogadulisana neMamelodi Sundowns ngoLwesibili ntambama.

Uthi uMthethwa useyoze adlale ngonyaka ozayo njengoba engeke abhilseke manje kwazise ubebhaliswe yiPirates.

Kuzolindwa iwindi likaJanuwari lookusayinisa abadlali bese ebhaliswa ngokugcwele.

UZungu yena unethuba kodwa elincane lokuthi engabhekana neqembu lakhe lakudala. 

Nokho uVilakazi ukugcizelele ukuthi uZungu usenawo umsebenzi okufanele awenze ukuze abuyele esimweni esifanele sokudlala. 

Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala akakaze adlale ngokuncintisana kusukela eshiye iSundowns ngesizini edlule.

“Lesi bekuyisikhathi sokuqala sokuqeqeshwa kukaZungu enkundleni,” kusho uVilakazi.

“Besisejimini izolo. Sisiqaphile isimo sakhe. Uma esekulungile, uzodlala. Uma kungenjalo, akuyona into enkulu kangako.”

UVilakazi uveze ukuthi mkhulu umbango wezindawo zokudlala eqenjini. 

“Kunabadlali abenze kahle, sSizohlola futhi senze ngokufanele,” kwengeza yena.

Abalandeli bamaZulu bazodinga ukulinda ukuze babone izihlabani zabo ezintsha zisenkundleni.

 Okwamanje, kugxilwe esivivinyweni esinzima sanamuhla njengoba bezobhekana nompetha abavikela isicoco seligi.