EzintshaOrlando Pirates

Ngabe ikusasa likaRiveiro kwiBucs lincike kwekaSaleng?

UMonnapule Saleng, obengumdlali obalulekile kumasizini edlule, sekuphele izinyanga ezintathu engekho eqenjini elidlalayo kwiPirates. 

Isizathu salokhu asicaci njengoba ikilabhu ingafuni nakuyikhuluma eyakhe. Yagcina iphika imibiko yokuthu ubefunwa ikiliabhu yaphesheya wanqatshelwa ukuhamba. 

Khonamanjalo, uJose Riveiro usebuyisele iPirates embangweni wesicoco seBetway Premiership. 

IPirates isanda kunqoba ngo 2-1 ihlula iMamelodi Sundowns okwenze yabuyela embangweni wesicoco seligi.

Lezi zinkunzi zaseSoweto sezilandela iSundowns ngamaphuzu angu-15, kodwa zisasalele emuva ngemidlalo emine okungathi uma ziyinqoba zisalele emuva ngamathathu. 

Inkontileka kaJose Riveiro iphela ngoJuni 30, futhi ngenxa yempumelelo yakhe, ukuvuselelwa kwayo kubonakala kuyinto elula ukuthi yenzeke.

Nokho umthombo weSoccer Laduma uthi ukubuya kukaMonnapule Saleng kubalulekile kwikusasa lalo mqeqeshi kule kilabhu.

“USaleng ubeba ngumdlali wokuqala ofakwa esikimini sikaRoveiro,” kusho lo mthombo. 

“URiveiro uyalithanda ikhono lakhe futhi ufuna abuye, nangale kwale sizini.” 

Ngesonto eledlule, uJose Riveiro ukhulume okokuqala ngodaba lukaMonnapule Saleng. 

Nokho akazange aphumele obala ngokwenzekayo ngalo mdlali obeyintandokazi yabalandeli ngenxa yokukwazi ukunqoba imidlalo ebalulekile.

“Angicabangi ngabadlali uma siwina noma sihlulwa. Ngifisela izinhlangothi zombili okuhle kodwa noma ngabe yini engiyishoyo izoba sematheni.”

Ukuphawula kwakhe kuphinde kwaphakamisa ukuthi kungenzeka uSaleng akasafuni ukuba kwiPirates.

“Sigxila futhi sisebenza ngabadlali abalapha. Sinabadlali abanethalente futhi abalambele ukudlala eqenjini. 

“Ikusasa limayelana nokulungiselela umdlalo wethu olandelayo,” kusho lo mqeqeshi muva nje.

Njengoba iPirates ilwela lesi sicoco seligi, indaba kaSaleng ingaba yisiqephu esikhulu ezingxoxweni zenkontileka kaRiveiro. 

Ngabe uzohlala uRiveiro, futhi ngabe uSaleng uzobuya? Sekuyobonakala ngokuhamba kwesikhathi.