EzintshaOrlando Pirates

URiveiro ukhuza ihaba ngokuhlulwa kwePirates

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro usivikele isinqumo sakhe sokwenza izinguquko eziningi emdlalweni wabo womzuliswano wokuqala weCarling Knockout. 

IPirates iqale lo mdlalo ngeqembu elishintshe kakhulu kanti ihlulwe yiMagesi FC kusaphele amasonto amabili inqobe isicoco seMTN8.

URiveiro wenze izinguquko eziyisithupha eqenjini elaliqale umdlalo futhi elahlula iStellenbosch FC kwiMTN8 ekuqaleni kwale nyanga.

Abadlali abanamava abafana noPatrick Maswanganyi no-Innocent Maela baqale ebhentshini kanti uMakhehleni Makhaula ubephunyuziwe. 

AmaBhakabhaka azithole eselandela emuva ngamagoli amathathu ngesikhathi kuyiwa ekhefini e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.

Nokho iPirates ibuye yalwa esiwombeni sesibili futhi yacishe yalithola igoli lokulinganisa ebelizosa umdlalo esikhathi esengeziwe. Igcine ihlulwe ngo 3-2. 

Manje ukuphelela emzuliswaneni wokuqala kwiCarling Knockout kushiye imibuzo engagwemeki ngezinguquko ezenziwe uRiveiro eqenjini lakhe. 

Kepha lo mqeqeshi waseSpain ugcizelele ukuthi akekho noyedwa kubadlali abaqalise umdlalo okumele asolwe ngalo mphumela. 

Uthe akumele kwenziwe ihaba ngokuhlulwa kwePirates, kube sengathi yingoba idlale kabi ekubeni kungenjalo.

“Sineqembu elikhulu, eligcwele ithalente elihle. Sonke sinesandla ekutheni singadluleli emzuliswaneni olandelayo… 

“Umqeqeshi, abadlali, abadlali abadala bona banesandla ngaphezulu kwabanye,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.

“Ngakho, kufanele sikwamukele sonke ukuba nesandla kulo mphumela. Njengabaqeqeshi sivamise ukuthwala icala, sithi, ‘yimo okumele asolwe’. 

“Futhi kuyiqiniso lokho, kunjalo. Sihlala sinesibopho esikhulu uma izinto zingahambi ngendlela efanele. 

“Kube yinto efanayo emasontweni amabili edlule, besihlangene sigubha ndawonye ukunqoba. 

“Kulo mphumela… umphumela odumazayo… kufanele siwamukele ndawonye, hhayi umuntu oyedwa noma ababili, futhi siwuthathe njengowethu sonke, ngoba owethu.”

Ngomdlalo, uRiveiro ukhale ngokuthi ukube babe nenhlanhla nje kancane, ngabe kukhulunywa okunye kumanje. 

“Uya ekhefini, ulandela ngo 3-0, use-Orlando, futhi uyazi ukuthi abantu basakulindile. 

“Kufanele ubuyele enkundleni ukhombise ukuthi ungubani, ukhombise amandla akho nokukwazi ukulwela umphumela noma kunzima. 

“Futhi sikwenzile lokho. Sishaye ipali kathathu ngesiwombe sesibili,” kuqhuba lo mqeqeshi osenezindebe ezinhlanu eminyakeni emithathu. 

“Ukube sikwazile ukushaya igoli elilodwa noma amabili ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, mhlawumbe umphumela ubuzohluka, kodwa akwenzekanga. 

“Kufanele sithathe izifundo kulo mdlalo nalo mphumela ukuze siqhubeke nokukhula njengeqembu.” 

IPirates ibuyela enkundleni ngoLwesibili njengoba izobhekana neSuperSport United khona e-Olrando Stadium emdlalweni weBetway Premiership.