
IToyota Cup iya eThekwini – iChiefs izodlala nelaseGhana
Umqondisi wezokumaketha weKaizer Chiefs, uJessica Motaung, uchaze iToyota Cup njengomcimbi, hhayi nje umdlalo.
Uthi le ndebe yokulungiselela isizini ingumcimbi obalulekile wobumbano, ukuhlela, nokubungaza ubunye bama-Afrika.
Ekhuluma ngaphambi ngesikhathi kwethulwa lo mqhudelwano eNaturena ngoLwesine emini, uJessica wethule iqembu abazodlala nalo.
Lo mqhudelwano uqale ngonyaka odlule kanti iKaizer Chiefs idlale neYoung Africans, yahlulwa ngo 4-0.
Kwakuwumdlalo wokuqala womqeqeshi iNasreddine Nabi kwiChiefs.
Kulokhu iKaizer Chiefs izobhekana nezinkunzi zaseGhana i-Asante Kotoko.
Lo mdlalo uzoba seThekwini, enkundleni yodumo la iChiefs idle khona isicoco seNedbank Cup ngo-Ephreli, iMoses Mabhida Stadium.
“Impela lona wumdlalo obalulekile wangaphambi kokuqala kwesizini,” kusho uJessica.
“Uyithuba lokwethula wonke umuntu ezinhlelweni zethu. Futhi uhlanganisa abalandeli base-Afrika.”
IKaizer Chiefs neKotoko banomlando ocebile webhola osukela ezinsukwini zabo zeVodacom Challenge.
Ukuvuselelwa kwalo mbango wakudala kuzoshuab uma Amakhosi esebhekene nePorcupine Warriors.
UJessica uphinde wancoma iToyota South Africa ngokubeseka kwabo okuqhubekayo.
“IToyota isisisekele noma kunzima kangakanani,” kwengeza lesi sikhulu.
“Ngonyaka odlule, umlandeli oyedwa wawia imoto, futhi sizothola ithuba elifanayo nakulo nyaka.”
Lo mdlalo uzonikeza abalandeli okungaphezu nje komdlalo webhola – umkhosi wokugubha ifa, ukwethembeka, nomoya webhola lase-Afrika.
Njengoba iKaizer Chiefs ilungiselela ukubuyela eThekwini ngalo mdlalo wobungani, uJessica unethemba lokuthi umdlalo uzoletha ukuzijabulisa.
“Kumayelana nokuxhumana kabusha nabalandeli bethu nokubuyisela kubo.
“Kuphinde kube yindlela ephelele yokuhlola iqembu lethu ngaphambi kwesizini entsha,” kuchaza yena.
