
Liyakhula isasasa ngoMofokeng kwizinkunzi zase-Europe
Isihlabani sakudala se-Orlando Pirates, u-Relebohile Mofokeng, usephinde waba sematheni njengoba indlela adlala ngayo e-Europe isidonsa amehlo amaqembu amakhulu.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala kuthiwa usedonse amehlo amaqembu afana neChelsea neBrighton & Hove Albion e-England.
Kukhona ne-Atletico Madrid yaseSpain neNapoli yase-Italy emaqenjini okuthiwa asha amashushu ngalo mdlali weBafana Bafana.
UMofokeng ujoyine iRoyale Union Saint-Gilloise yaseBelgium ngoJulayi, kodwa akazange athathe isikhathi eside ukuzibonakalisa.
Ube nendima enkulu kwiBafana Bafana ngesikhathi eshaya amagoli amabili ekunqobeni i-Eritrea ngo-5-0 emdlalweni wokuhlungela i-Afcon ka-2027.
NaseBelgium izinto zimhambela kahle lo mdlali. Ube nesiqalo esihle eshaya amagoli amane, okubalwa negoli alishaye emdlalweni wakhe wokuqala kwi-UEFA Europa League.
Ukudlala kahle kuka-Relebohule Mofokeng sekuholele ekutheni kukhulunywe ngokuthi angase angahlali isikhathi eside eBelgium.
IBrighton ingelinye lamaqembu angaba nentshisekelo enkulu, ikakhulukazi ngenxa yokuxhumana okukhona phakathi kwayo ne-Union Saint-Gilloise.
- FUNDA NALA | Ezimnandi kwiPirates ngaphambi kowamanqamu
Okwamanje uMofokeng ugxile ekukhuleni kwakhe eBelgium, kodwa uma eqhubeka nokudlala ngaleli zinga, ukuthuthela kwiPremier League kungase kwenzeke maduze.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
