
UBrilliant Khuzwayo uhlambuluka ngokwenze ayosebenza Eswatini
Isinqumo sakhe sabamangaza abaningi, kodwa uBrilliant Khuzwayo akazisoli futhi usephawulile ngesinqumo sakhe sokuyoqala umsebenzi wokuqeqesha Eswatini.
Le nsizwa yazakhela igama ingunozinti kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kanti ijoyine iMbabane Highlanders AM ngoJanuwari — ikilabhu kaShauwn Mkhize.
Lokhu kuphawule ukungena kwakhe ngokusemthethweni ekuqeqesheni.
UKhuzwayo uphoqeleke ukuthatha umhlalaphansi ekudlaleni ngemuva kokulimala esanda kujoyina iPirates eneminyaka engu-29 ubudala.
Manje njengoba eseneminyaka engu-36, usengene ekuqeqesheni kanti uthi ufuna ukuqala phansi, bese enyuka.
Ekhuluma neFARPost, uBrilliant Khuzwayo uvumile ukuthi lesi sinyathelo kungenzeka simangaze abaningi.
“Ngokusobala, emsebenzini noma muphi uba nezikhathi ezimnandi nezimbi njalo, kodwa kulungile,” kusho uKhuzwayo.
“Kunomehluko omkhulu kunaseNingizimu Afrika, kodwa uma uqala umsebenzi wakho wokuqeqesha, ufuna ukuqala kancane bese wenyuka.”
Uphinde wagqamisa igebe eliphakathi kweNingizimu Afrika neSwatini, kodwa wathi unethemba lokuthi lizokhula nakulabo makhelwane.
“Kukhona umehluko omkhulu, kodwa ngikholwa ukuthi ngokuhamba kwesikhathi bazokhula.”
Yize aphoqeleka ukuyena ukudlala esanamandla, uBrilliant Khuzwayo uthi yonke into inesikhathi sayo.
“Kulo lonke uhambo, njengomdlali, uyaqala bese uyaqeda. Nasekuqeqesheni nakhona kumele uqale ndawana thize.
“Kunezifundo eziningi endleleni, futhi bengidinga ukuthatha lolu hambo ngokuzethemba,” kuphetha yena.
