
Lihle leli khefu kwiPirates – Lekgwathi
- Intatheli yeLISENETHINI
Inkakha ye-Orlando Pirates, uLucky Lekgwathi, ithi ikhefu elide lihle kuleli qembu njengoba lifuna ukugcina indawo yalo kwilogi yeBetway Premiership.
AmaBhakabhaka akhishwe emzuliswaneni wokuqala kwiCarling Knockout. Lokhu yinto okungenzeka ukuthi yaba yisibusiso esifihlakele, ngokubona kukaLekgwathi.
Kuyivumele ukuthi igxile emjahweni weligi ngerekhodi layo lokuwina elingu-100% njengamanje.
IPirates iqophe umlando ngesikhathi inqoba imidlalo eyisikhombisa kulandelana kwiligi.
Leli yirekhodi ebelime kusukela kwaqala inkathi yePremier Soccer League ngesizini ka-1996/97.
AmaBhakabhaka asekhefini lezinsuku ezingaphezu kuka-20 ngemuva kokugcina ukudlala umdlalo ngoNovemba 5.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi iPirates ihlula iRichards Bay United ngo 1-0 e-Orlando Stadium.
Umdlalo wayo olandelayo osemthethweni izobhekana neCR Belouizdad yase-Algeria kwiCaf Champions League ngoNovemba 24.
Ikhefu elide lingenxa yekhefu leFifa nemidlalo eyandulela eyamanqamu yeCarling Knockout ngempelasonto edlule.
ULekgwathi, ophakamise inqwaba yezindebe namaBhakabhaka, uthe ikhefu elide lizoba usizo olukhulu.
“Ikhefu elide lingaba lihle futhi lingaba libi. Kuya ngokuthi iqembu belikuphi ngesikhathi kuqala ikhefu,” kusho uLekgwathi kwiSunday World.
“IPirates iphezulu kwilogi. Futhi ngiyazi ukuthi bebezofuna ukuqhubeka nokudlala ukuze bangalahlekelwa umfutho wabo.
“Abadlali babambe iqhaza emiqhudelwaneni eminingi. Futhi abanye bakhona naseqenjini lesizwe iBafana Bafana…
“IPirates inabadlali abaningi kwiBafana. Futhi bahamba amabanga amade beyodlala eyokuhlungela i-Afcon.
“Abadlali bayalidinga ikhefu, futhi lokhu leli khefu lifike ngesikhathi esihle kakhulu.
“Umjaho weligi usanda kuqala. Kuzoba matasa futhi kube nzima uma amanye amaqembu eseqala engena emjahweni.
“Kodwa kuhlale kungcono ukuba namaphuzu emxhakeni kunokuzama ukujaha iqembu eseliphambili.
“Ngicabanga ukuthi ikhefu elide lihle ngoba abanye abadlali bazolulama ekulimaleni futhi ukubuya kwabo kuqinise iqembu.
“Leli yithuba elingcono kakhulu lokuthi iPirates inqobe iligi iphinde iye kude kwiCaf Champions League.
“Kufanele bagxile emiphumeleni yabo futhi bangakhathazeki ngokunye.
“Ngicabanga ukuthi bazophuma ekhefini bevuselelekile.
“Futhi bazobe bebheke ukuthumela umlayezo wesixwayiso kwamanye amaqembu ukuthi akudlalwa kule sizini.”
