
Lifuna ukushipha kudliwa e-Orlando elase-Ivory Coast
IStade d’Abidjan inethemba lokuphendula amatafula emdlalweni wayo weCAF Champions League ne-Orlando Pirates nngoMgqibelo ebusuku.
Lo mdlalo – womabili lamaqembu adinga ukuwunqoba – uzoba se-Orlando Stadium ngo-6pm.
Umqeqeshi oyinhloko weStade d’Abijan, uSerge Alain Douayere uzwakale enethemba esithangamini nabezindaba ngoLwesihlanu.
Ukholwa ukuthi iqembu lakhe linethuba lokusebenzisa ubuthakathaka bePirates ukushiya kukhalwa e-Orlando.
“Njenganoma yiliphi iqembu, banobuthakathaka, kodwa ngeke sibuveze lapha.
“Kudingeka sibashaye ukuze sikwazi ukudlulela phambili,” kusho uDouayere.
Lamaqembu adlale ngokulingana ngo 1-1 e-Abidjan ngenyanga edlule. UDouayere uthi bagxile ekutholeni amaphuzu amathathu kulokhu.
Leli qembu lase-Ivory Coast linomqeqeshi omncane kunabo bonke kulo mqhudelwano, u-Alexandre Lafitte oneminyaka engu-27.
Kodwa-ke, uLafitte akakwazi ukuhlala ebhentshini emidlalweni yeChampions League ngenxa yokuthi akanazo izicucu zokuqeqesha ezidingekayo.
UDouayere, owayengumdlali weElephants, nguye ombambele, kanti ukugcizelele ukubaluleka kwalo mqhudelwano.
“Sekuyiminyaka engu-54 sagcina ukuba kuleli zinga. Sinamaphuzu ayisishiyagalolunye okufanele siwadlalele futhi sizokwenza konke okusemandleni ethu,” kuqhuba yena.
Ukuhlulwa kuzoqeda amathuba e-Stade d’Abidjan okuqhubekela phambili kulo mqhudelwano.
Kodwa uDouayere ubona ukuthuthuka emiphumeleni yabo, futhi wethemba ukuthi bazokwazi ukuphoxa e-Orlando.
“Kukhona ithemba. Sihlulwe yi-Al Ahly neBelouizdad kodwa sadlala ngokulingana nePirates.
“Imiphumela ibonisa inqubekelaphambili. Sizothatha imidlalo ngamunye sibone siphelelaphi,” kuphetha yena.
