EzintshaMTN8

Okwenza uNtethe abone iStellies izoxova umcimbi weBucs

UThabo Nthethe, oyinkakha yeeMamelodi Sundowns abuye abe yinxusa leMTN8, ubona iStellebosch FC ingayidla le ndebe. 

IStellies izogadulisana ne-Orlando Pirates emdlalweni wamanqamu wale ndebe eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.

IPirates ibheke ukuqopha umlando ngokuyinqoba okwesithathu kulandelana le ndebe kanti iStellies kubhekwe ifake unyawo lwedada. 

“Okuvuna iStellenbosch wukuthi ayinayo ingcindezi njenge-Orlando Pirates ebhekwe ngabomvu ukuthi izonqoba,” kusho uNthethe.

Engxoxweni abe nayo neLisenethini muva nje, uNtethe uphinde waveza ukuthi ulindele umdlalo ohlabahlosile. 

“Nakanjani umdlalo uzoba sezingeni eliphezulu ngoba abalandeli be-Orlando Pirates bazophuma ngobuningi.

“Kuzobe sekuthi abalandeli beKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns, naMaZulu FC bazophelezela iqembu leStellenbosh kulo mdlalo. 

“I-Orlando Pirates ivunwa umlando eMoses Mabhida Stadium njengoba seyike yayinqoba amahlandla amabili iMTN8 idlala kule nkundla.” 

EziMnyama ziya kulo mdlalo zisefomini enhle njengoba zisayinqobe yonke imidlalo yazo kwiMTN8, Betway Premiership, neCaf Champions League.

IStellenbosh FC ilahlekelwe ngumdlalo wokuvula kwiBetway Premiership, ithelwa othulini yiGolden Arrows.

Nangempelasonto esiphuma kuyo ibambane ngo 1-1 nePolokwane City njengoba ibonakala ingakawubambi umgqigqo.

IPirates yona ishaye ithulamsindo iwola amaphuzu aphelele ngokushaya iRichards Bay ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.