EzintshaOrlando Pirates

URiveiro emabhukwini omlando kwiBucs ngamagoli 

I-Orlando Pirates isibhale ikhasi elisha emlandweni wale kilabhu ngaphansi komqeqeshi uJosé Riveiro.

Leli qembu selishaye amagoli angu-151 kuyo yonke imiqhudelwano kusukela uRiveiro ethathe izintambo, ngokubika kuka-OptaJabu.

Lokhu kudlula irekhodi likaRuud Krol lamagoli angu-150, okwenza uRiveiro abe ngumqeqeshi onamagoli amaningi kwiPirates. 

UKrol wazakhela igama enqoba izindebe ezintathu ngesizini eyodwa, okwaba yingqophamlando. 

Phezu kwalokho, waxoshwa kabuhlungu ngabaphathi beqembu bekhala ngokuthi impumelelo ayilethwanga nguye.

Ngemuva kokuhamba kukaKrol, iPirates ithwale kanzima ukuthola uzinzo kubaqeqeshi njengoba beyipheka ithulula. 

Lokho kujikile kumasizini amabili edlule lapho iqembu liqoka uRiveiro obengaziwa ngaleso sikhathi.

Waqale wagxekwa futhi wabizwa nge-‘plumber’, igama lendelelo okubizwa ngalo umqeqeshi othathwa kancane ebholeni laseNingizimu Afrika.

Nokho, uRiveiro washeshe wabavala imilomo ababemgxeka bengakamazi, wabagqinyisa kanzima amazwi abo. 

Ezinyangeni zakhe zokuqala ezimbalwa, wawina iMTN8 futhi wenza iqembu ladlala ibhola elijabulisayo.

Waphinda wanqoba neNedbank Cup kanti kwisizini yakhe yesibili ukwazile ukuzivikela lezi zindebe.

Abalandeli babuyele ezinkundleni bezobuka iqembu lakhe lidlala. URiveiro usekwisizini yakhe yesithathu kwiPirates.

Usekwazile ukungena kowamanqamu weMTN8 okwesithathu kulandelana, kanti uzobhekana neStellenbosch FC eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.

URiveiro uphinde wabekisela iBucs indawo esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League.

Njengamanje iPirates isendaweni yesibili kwilogi yeBetway Premiership.

Selokhu ejoyine iPirates, uRiveiro usezakhele igama kuleli qembu futhi akasaconsi kubalandeli.

Uthulise ababemgxeka futhi wazuza nemiphumela encomekayo kanti le mpumelelo isaqhubeka.

Njengoba iPirates seyishaye amagoli angu-151 ngaphansi kwakhe, uRiveiro usendleleni yokuba ngomunye wabaqeqeshi abaphumelele kakhulu ngesikhathi kwiPirates.