EzintshaMamelodi Sundowns

Basenjeni abeya uMngqithi kwiSundowns

Bazovela ekomidini eliqondisa ubugwegwe abadlali beMamelodi Sundowns ababhekene nezinsolo zokweya uManqoba Mngqithi. 

Kuvela ukuthi kunedlanzana labadlali elingathokozanga ngokuhamba kukaRulani Mokwena, nokuqokwa kukaMngqithi.

ILisenethini ishoshe umoya wokuthi kukhona kubadlali abebelokhu bekhuluma emakhoneni amagama angemahle ngoMngqithi.

Nokho lokhu kugcine kufike ezindlebeni zomqondisi omkhulu weSundowns, uFlemming Berg. 

“Udaba lwabadlali abangamhloniphi uManqoba Mngqithi selusezandleni zikaFlemming Berg,” kusho umthombo. 

Lo mthombo ongaphakathi kwiSundowns utshele iLisenethini ukuthi kunabadlali abangamhloniphi nhlobo nje uMngqithi.

“Kodwa ke bazobizelwa ekomidini eliqondisa ubugwegwe maduze,” kuqhuba umthombo.

“Abadlali abathintekalayo ngo(emgagula ngegama) no(emgagula ngegama).

“Yibo abasolwa ngokuba ngobhongoza kulento yokugxigxiziswa kukaManqoba. 

“Laba badlali bakhombise ukungahambisani nendlela umqeqeshi uManqoba asebenza ngayo, bakhohlwa ukuthi ababakhulu kuneqembu. 

“Njengamanje kugqame o(emgagula ngegama) no(emgagula ngegama) ngokuthi yibo abaphambili kulento. 

Kodwa empeleni bakhona nabanye ekade bekhulumela phansi, kodwa laba ababili bangobhongoza.

“Ayikho nalento abayilwelayo ngoba uRulani Mokwena usahamba kwiMamelodi Sundowns futhi ngeke aphinde abuye. 

“Manje njengoba bemlwela noma engasekho lokho kuzobenza behlelwe yizinga lokudlala ngoba kungenzeka bamiswe eqenjini,” kuphetha uMthombo.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMokwena uhambe ngenxa yokuthi bekungasasebenzi phakathi kwakhe noFlemming Berg.

Abanye kulaba badlali okukhulunywa ngabo lapha basanda kuvuselela izinkntileka zabo, okwenza babenesikhathi eside abazosihlala eqenjini.