DStv Premiership

Lesi akusona isikhathi sokungabaza iBafana – Broos

Lo makadebona womqeqeshi waseBelgium uvumile ukuthi ukudlala ngokulingana ngoLwesihlanu neZimbabwe kube yisikhubekiso esikhulu — esishiye ithemba leBafana ngeNdebe yoMhlaba lilincane.

IBafana Bafana manje ibhekene nengcindezi yokunqoba kumnyama kubombu uma seyibhekene neRwanda — okumele iyishaye ngamagoli amabili noma ngaphezulu.

Ngesikhathi esifanayo izothandazela umusa weNigeria, ezobe ibhekene neBenin ezihola phambili kuGroup C.

“Ngitshele abadlali ukuthi bekungewona umphumela omuhle kithina,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba sangaphambi komdlalo ngoMsombuluko. 

“Kodwa lesi akusona isikhathi sokuqala ukuzingabaza noma ukungabaza izinga esilakhe eminyakeni embalwa edlule.”

UBroos ugcizelele ukubaluleka kokuhlala beqinile ngokomqondo lapho bebhekene nokugxekwa nengcindezi.

“Akudingeki senze okwenziwa abanye manje — siqale ukungabaza, siqale ukubuza yonke into. Lokho akuyona into esifanelwe ukuyenza. Kufanele sisekele iqembu.”

Lo mqeqeshi ugcizelela ukuthi abadlali bakhe bagxile kakhulu futhi bagqugquzelekile ukuthi benze umsebenzi omkhulu phambi kwezihlwele zasekhaya.

“Ngiqinisekile ukuthi sizobe sesilungile. Sikulungele ukunqoba lo mdlalo. Kodwa sonke siyazi ukuthi akwanele — sidinga usizo kancane kolunye uhlangothi.”

Njengoba leli qembu selilungile, isiphetho seBafana Bafana ngeke sincike kuphela emphumeleni wayo kodwa nokuthi iNigeria iyakwazi yini ukushaya iBenin.

UBroos uphethe ngenothi lethemba: “Asethembe ukuthi izithixo zebhola zinathi — nokuthi iBenin izohlulwa.”

Umdlalo phakathi kweBafana Bafana neRwanda ungo-6 ntambama ngoLwesibili eMbombela Stadium — kanti uzocacisa indlela yeNingizimu Afrika ebheke eNdebeni yoMhlaba.