EzintshaMTN8

Kwenzakalani ngoNdah noSaleng, uNcikazi uyaphendula

I-Orlando Pirates ibhekene nenkiyankiya yenkinga ngaphambi komdlalo wamanqamu weMTN8 la izobhekana khona neStellenbosch FC.

Lo mdlalo obhekwe ngabomvu uzoba seMoses Mabhida Stadium eThekwiini ngoMgqibelo ngo-6 ebusuku.

Iphini lomqeqeshi kwiPirates, uMandla Ncikazi uqinisekise ukuthi abadlali abamqoka eqenjini, o-Olisa Ndah noMonnapule Saleng abazange bajime kuleli sonto. 

UNdah noSaleng, abangabadlali abawukhiye kwiBucs, abazange bawudlale umdlalo odlule weligi bebhekene neRichards Bay.

USaleng ubuyele efomini yakhe kule sizini futhi ugqekeza udonga lwasemuva lwezimbangi, ashaye amagoli amqoka emidlalweni yeligi, kanti uNdah yena uqinisekisa ukuthi kukhiyiwe emuva. 

Ukungabi bikho kwabo kungaba nomthelela omkhulu kwindlela iqembu elidlala ngayo, ikakhulukazi kulo mdlalo omqoka kangaka. 

Ngesikhathi ekhuluma enkomfeni yabezindaba yangaphambi komdlalo, uNcikazi uveze ukuthi kungenzeka bangadlali nakulokhu. 

“Bebelokhu besegunjini labelashwayo futhi abazange bazicije kwezinye zezinsuku. Sizolinda ukuthi bahlolwe sekusondele umdlalo,” kusho uNcikazi. 

Ngaphezu kwalokhu kungabaza ngalaba badlali abamqooka, iPirates inenqwaba yabadlali abahle abangakwazi ukuvala izikhala. 

UNkosinathi Sibisi noma u-Innocent Maela bengangena kwesikaNdah, kanti kwesikaSaleng kungangena uKarim Kimvuidi noma uGilberto. 

UNcikazi uyakuvuma ukubaluleka kukaNdah noSaleng, kodwa uyazigqaja ngokuthi iqembu liqine ngokwanele. 

“Uma bengakulungele ukudlala, sineqembu eliqinile nangaphandle kwabo futhi sinabadlali abangakwazi ukubhekana nale nselelo. 

“Kodwa ngiyathandaza ukuthi sibe neqembu lethu eliphelele, kodwa ngiyalethemba kakhulu iqembu lethu,” kwengeza uNcikazi.