EzintshaKaizer Chiefs

Kuhlangana eyazanayo obekwiChiefs ebuyela kumnewabo

Kusaphele amasonto amabili nje kuphela eshiye i-Kaizer Chiefs, kodwa obengumqeqeshi wonozinti u-Ilyes Mzoughi usevele uthole ikhaya elisha.

Kubikwa ukuthi lo mqeqeshi waseTunisia usevumelene neqembu elikhulu laseMorocco, iRaja Athletic Club ngokulijoyina.

Uma ejoyina leli qembu, uzophinde asebenze ngaphansi kukaNasreddine Nabi abebenaye kuMakhosi phambilini.

UMzoughi ushiye iChiefs kanye noCedric Kaze, Khalil Ben Youssef noMajdi Safi ngesikhathi iqembu liqala uhlelo olusha ngaphansi komqeqeshi omusha uFernando Da Cruz.

Yize kubikwa ukuthi uMzoughi wayefisa ukuqhubeka eNaturena, i-Kaizer Chiefs yamazisa ukuthi uDa Cruz ufuna ukuza nomqeqeshi wakhe wonozinti.

Ukufika kukaMzoughi kwiRaja kusho ukuthi usephinde wahlangana noNabi, obesanda kuthatha izintambo kuleli qembu. 

UNabi ungene ezicathulweni zomqeqeshi wakuleli uFadlu Davids ogajwe yilezi zinkunzi ngenxa yokuphikwa imiphumela.

Abaningi bakholwa ukuthi umsebenzi kaMzoughi ubonakala kakhulu ngesizini edlule.

Lo mqeqeshi unconywa ngokuvuselela uBrandon Petersen oqede isizini engomunye wonozinti abavelele kakhulu kwiBetway Premiership.

Lo nozinti we-Kaizer Chiefs akangenelwanga goli emidlalweni engu-18 kuyo yonke imiqhudelwano.

Manje lo mqeqeshi uzobhekana nenselelo entsha yokusiza iRaja ukuthi ibuyele phezulu ebholeni laseMorocco njengoba iqhubeka nokujaha isicoco seligi.