
Ingabe uRibeiro ‘ukhoth’imbenge yomile’, uyazisola ngakwenza?
Abalandeli beMamelodi Sundowns sebephinde baqala ukuqagela ngekusasa likaLucas Ribeiro Costa ngemuva kokuthi lo mdlali waseBrazil esephinde walandela leli qembu ku-Instagram.
URibeiro washiya iSundowns kabuhlungu, ephoqa ukunqanyulwa kwenkontileka yakhe ukuze ayojoyina iqembu laseSpain.
Lelo qembu lidliwe yizembe kanti manje kuvele ukuthi usezinhlelweni zokujoyina iqembu laseLibya i-Al Ittihad eliqeqeshwa owayengumqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena.
Kuphinde kwavela imibiko yokuthi lo mdlali usevumelene ngemibandela naleli qembu.
Nokho, isenzo sika-Lucas Ribeiro sokuphinde alandele iSundowns ezinkundleni zokuxhumana sesivuse amahlebezi okuthi kungenzeka izinto ziguquke.
Lo mgadli kuvela ukuthi izinto zimjikele njengoba iFifa kusolakala ukuthi ivume iSundowns yathi usenenkontileka nayo kuze kube nguJuni 2028.
Lokhu kusho ukuthi leli qembu laseChloorkop lisenamandla okunquma ngekusasa lakhe.
Manje umbuzo omkhulu uthi: Ingabe iSundowns izomamukela futhi u-Lucas Ribeiro njengoba ilungiselela isizini entsha, noma izokhetha ukumdayisa?
- FUNDA NALA | UMokoena uchaza eyezinyembezi koweBafana
Yize kungekho simemezelo esisemthethweni esesikhishiwe, ukuphinde alandele iSundowns ku-Instagram sekushiye abalandeli bezibuza ukuthi kwenzakalani ngaye.
Indaba kaRibeiro ibukeka isekude ukuphela, futhi kubonakala lo mdlali eseyikhothile imbenge yomile njengoba ‘esezincengela’ kwiSundowns.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
