EzintshaWorld Cup

Kuvela okwenze uMbokazi noCampbell basale kwele-Under 20

Ukushiywa ngaphandle kwalezi zihlabani ezimbili ezigqame kakhulu ebholeni kuleli, uMbekezeli Mbokazi noShandre Campbell, kuthuse abaningi. 

Manje, indaba egcwele yokungabi bikho kwabo isidaluliwe, futhi ingezivumelwano zamazwe ngamazwe ezisezingeni eliphezulu nokungqubuzana phakathi kwezintshisekelo zezwe nezeqembu.

Ngokwesitatimende seSafa, uMbokazi akafakwanga eqenjini lika-Under 20 ngokwesivumelwano phakathi komqeqeshi waMajita uRaymond Mdaka nozakwabo weBafana Bafana, uHugo Broos. 

Isizathu? Lo mdlali osemncane wasemuva usengene eqenjini lesizwe elikhulu, iBafana Bafana futhi uzoba yingxenye yeqembu elizodlala imidlalo emibili ebalulekile yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngenyanga ezayo. 

Lokhu kukhombisa ukwethenjwa kwalo mdlali wasemuva osemncane onekhono elimangalisayo futhi kuwuphawu olucacile lokuthi ikusasa lakhe liseqenjini elikhulu.

Kodwa ekaShandre Campbell ihlukile. Lesi sihlabani esizinze eBelgium asifakwanga eqenjini ngenxa yokunqatshelwa yiqembu laso, iClub Brugge. 

Naphezu kwemizamo kaHugo Broos yokuxoxisana neClub Brugge, le klabhu yenqabile ukudedela lo mdlali. 

Yize abalandeli bephoxekile ngokuthi ngeke bawabone la mathalente amabili eqenjini laMajita, izizathu zokungabi bikho kwabo ziyezwakala. 

KuMbokazi, yigxathu elikhuphukela esigabeni esikhulu. KuCampbell kuveza ukwethenjwa kwakhe nokuthi usebaluleke kangakanani ekilabhini yakhe. 

Kusobala ukuthi Amajita abuthaka ngaphandle kwabo, kodwa kulindeleke ukuthi enze kahle kwiFifa Under 20 World Cup eChille ngasekupheleni kwale nyanga.

Amajita akuGroup E neFrance, i-USA neNew Caledonia kanti aqala umkhankaso wawo neFrance ngoSepthemba 29.