
IPirates ‘impintshise’ ekaSaleng ibonga uNdlondlo
Ukungaboni ngaso linye phakathi kwe-Orlando Pirates noMonnapule Saleng kuphumele obala futhi kucacile ukuthi abubuhle ubudlelwano phakathi kwalo mdlali neqembu.
UMonnapule Saleng ubengomunye wabadlali abavelele kwi-Orlando Pirates kula masizini amathathu edlule.
Kodwa ube nokungaboni ngaso linye neqembu maphakathi nesizini edlule okumenze wangadlali eqenjini izinyanga eziyisithupha zokugcina zomkhankaso.
Kukholakala ukuthi ukungaboni ngaso linye kube ngenxa yezinkinga zenkontileka phakathi kwalo mdlali neqembu.
Kodwa akukho ncazelo esemthethweni eke yavela kubaphathi bePirates nenkampani ephethe uSaleng i-P Management Sport.
Futhi manje i-Orlando Pirates isithumele uMonnapule Saleng eqenjini elisanda kukhushulelwa kwiBetway Premiership i-Orbit College.
Isimemezelo salesi sinyathelo sakamuva sifihlwe esitatimendeni esithunyelelwe ukuzomemezela ukuhamba kukaNdabayithethwa Ndlondlo ngoLwesithathu ebusuku.
Iqiniso lokuthi ikilabhu ayikwazanga ukwenza isimemezelo esizimele ngokuhamba kukaSaleng kuyinkomba yobudlelwano obumuncu.
“Khonamanjalo, i-Orlandopiratesfc.com ingaphinda iqinisekise ukuthi kufinyelelwe esivumelwaneni ne-Orbit College FC sokubolekwa uMonnapule Saleng.
“Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala uzochitha isizini ka-2025/26 kuleli qembu elisanda kwenyuselwa esigabeni esiphezulu,” kusho iPirates esitatimendeni.
Lesi sinyathelo nokho siqeda ukuqagela ngekusasa likaSaleng – okungenani okwamanje.
Phela bese kunamahlebezi okuthi usayine inkontileka yesibambiso nezimbangi ezinkulu zePirates, iKaizer Chiefs.
Kodwa manje kubonakala sengathi lawo mahlebezi abengamahemuhemu nje angenabo ubuqiniso.
Khonamanjalo, kusalindeleke ukuthi iPirates iqhubeke nokumemezela abanye abadlali ezobolekisa ngabo.
Kubo kukhona uGoodman Mosele okuvela ukuthi angase abolekiswe – noma adayiswe ngokugcwele – kwiChippa United.
