EzintshaMamelodi Sundowns

Miguel Cardoso: ‘Angisebenzeli ukunconywa’ 

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, u-Miguel Cardoso, uthi akasebenzeli ukunconywa ngemuva kokuhola leli qembu lathatha isicoco seCaf Champions League okwesibili emlandweni walo.

ISundowns iqede ukulinda kweminyaka eyisishiyagalolunye ukwengeza inkanyezi yesibili kwibheji yayo ngoMeyi, ihlula i-AS FAR yaseMorocco kowamanqamu. 

Lesi bekuyisicoco sayo sokuqala seChampions League kusukela ngo-2016, ngesikhathi iqeqeshwa nguPitso Mosimane.

Ngesizini edlule, iSundowns ihlulekile ukugcina isicoco seBetway Premiership, esathathwa yi-Orlando Pirates, yashweba nasezindebeni zasekhaya.

Yize ewine okuyiyona ndebe ebifunwa kakhulu eChloorkop, abanye babalandeli basanokungabaza ngaye.

Ebuzwa ngalokhu, nokuthi ingabe uzizwa ehlonishwa nokwanele ngale mpumelelo yase-Afrika, u-Miguel Cardoso uthe ukunconywa akuseyona into anendaba nayo.

“Angisasebenzeli ukunconywa. Leso sikhathi sesadlula kimi,” kusho uCardoso. 

Uthe usebenzela ukuphila nokujabulela umsebenzi wakhe, ngoba isikhathi esiningi akalitholi ithuba lokuba nomndeni wakhe ngendlela afisa ngayo.

“Ngisebenzela ukujabula. Ngikholelwe, ngisebenzela ukuzijabulisa kakhulu. 

“Njengoba ngingasitholi isikhathi somndeni wami ngendlela engifisa ngayo, kufanele ngijabulele umsebenzi wami,” kuqhuba yena.

UCardoso uphinde wakhuluma ngefa likayise, owayengumdlali nomqeqeshi, wathi lokho kusamkhuthaza namanje.

“Angikunaki ukunconywa. Ngiyajabula, bese ngivumela abadlali bami bathole udumo ngakho konke engikwenzayo nabangenzela khona,” kusho yena.