Betway Prem

Kuvela ‘okulovise’ uKaze emhlanganweni noBen Youseff

Ukuhlangana obekulindelwe ngabomvu kwabaqeqeshi abebesebenzisana kwiKaizer Chiefs, u-Cedric Kaze no-Khalil Ben Youseff, sekubambezeleke ngomzuzu wokugcina.

Laba baqeqeshi, bebekuMakhosi ngesizini edlule futhi basiza leli qembu laqeda endaweni yesithathu kwiBetway Premiership.

Bekulindelwe babhekane okokuqala njengabaqeqeshi bamaqembu ngokuzimela ngoMgqibelo.

UKaze usekwiSekhukhune United, kanti uBen Youseff yena uqeqesha iDurban City. 

Ngokuziqondanela kwezinto, la maqembu aqala isizini ebhekene womabili.

Kodwa uKaze ngeke abonakale ebhentshini leSekhukhune emdlalweni oseSeshego Stadium ePolokwane.

Lokhu kuqinisekiswe yiphini lakhe, uPaulos Masehe, okhulume neSuperSport TV ngaphambi komdlalo.

UMasehe uthe uKaze akakawatholi amaphepha emvume yokusebenza (work permit), okuyinto emvimbele ukuthi ahole iqembu eseceleni kwenkundla.

Ngakolunye uhlangothi, uKhalil Ben Youseff uthe nakuba yena no-Cedric Kaze besebenze ndawonye isikhathi eside, umdlalo awukho ngabo.

“Njengabaqeqeshi senza cishe u-70% womsebenzi. Okusele kusezandleni zabadlali ukuthi bakusebenzise esikufundise ngesikhathi samalungiselelo esizini.

“Mina noKaze sesisebenze ndawonye isikhathi eside, kodwa lo mdlalo awukho ngathi. Umayelana nabadlali,” kusho uBen Youseff.