
UPetersen ukulungele ukuhola ngezenzo kwiChiefs
Unozinti weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen, uthi azikho izinguquko ezinkulu ezizoba khona njengoba sekunguye ukaputeni weqembu.
Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala, owaziwa ngokuzikhulumela, uthi uzohola ngokuba yisibonelo esihle — ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.
“Ukuba ngomunye wokaputeni beqembu kuwukuhloniphela nokuthobeka,” kusho uPetersen.
“Besivele sinekomidi lokaputeni. Ibhande likimi njengamanje, kodwa sibaningi singabaholi.
“Sixoxa ngezinkinga njengethimba futhi sisebenzisane nabaqeqeshi,” kuqhuba yena.
KuPetersen, isikhundla asisho lutho — okubalulekile yizenzo. “Ngikholelwa ekuholeni ngezenzo, hhayi nje ngamagama.
“Umsebenzi wami wukuba umxhumanisi phakathi kwabadlali nethimba labaqeqeshi,” kuchaza uPetersen.
IKaizer Chiefs inenkinga yokushaya amagoli kule sizini, kodwa uBrandon Petersen ukholwa ukuthi impumelelo iseduze.
“Sakhe amathuba, ngakho-ke osekusele manje wukuthi sibe bukhali phambili,” kuchaza yena.
“Ngeke sikhathazeke. Amagoli azofika uma singaqhubeka nokuzikhandla futhi sikholelwe kithi nasohlelweni lwethu.”
Amakhosi azobhekana ne-AS Simba kwiCaf Confederation Cup emzuliswaneni wesibili womlenze wesibili eDobsonville Stadium ngeSonto.
Umdlalo womlenze wokuqala waphela zibambene ngo 0-0 eLubumbashi, eDR Congo ngempelasonto edlule. UPetersen uyakwazi okumele bakwenze.
“Siyazi ukuthi yini okufanele yenziwe — kumele singangenelwa goli bese sisebenzisa amathuba ethu ukushaya amagoli,” kusho lo nozinti.
“Basebenzisa amandla kakhulu, kodwa sikwazile ukuthola izikhala ezimpondweni futhi sinohlelo lwangeSonto. Ngeke ngiluveze manje, kodwa sesilungile.”
FUNDA NALA | U-Ouaddou uveza akuxoxe noMbuthuma eshweba iphenathi
Umdlalo uzoqala ngo-3 ntambama, kanti uBrandon Petersen uzobe enethemba lokuthi umdlalo wakhe wokuqala ehola ngokugcwele iKaizer Chiefs uzoba yimpumelelo.
