
UMngqithi ucacisa eyokungabonakali kukaWilliams kwiDowns
Cishe uManqoba Mngqithi ungomunye wabaqeqeshi abazobe beqashwe ngeso lokhozi ngesizini ezayo, kucubungulwa zonke izinqumo azenzayo.
Lo mqeqeshi nguye onikwe umsebenzi wokucija iMamelodi Sundowns kulandela ukukhululwa kukaRulani Mokwena okuxake abaningi.
UMngqithi – owaziwa ngokuba nomooya ophansi – usekhulume okokuqala kulandela ukuqashwa kwakhe okungakaqinisekiswa.
Eyakusho iSundowns ngesikhathi ibuyisa uSteve Komphela wukuthi uzosebenzisana noMngqithi. Kuphindwe kwaqashwa noRomain Folz njengephini.
“Okokuqala, kuyintokozo ukuthi umuntu anikwe ithuba lokuhola iqembu, nakuba lokho kungokwesikhashana,” usho kanje uMngqothi kwabeSuperSport TV.
“Ngingaqinisekisa ukuthi amalungiselelo esizini asahamba kahle.
“Futhi kusukela ekuqaleni kwawo kuze kube manje, ngicabanga ukuthi konke kuhambe kahle.”
UMngqithi uphinde waqinisekisa ukuthi uSipho Mbule noRonwen Williams yibona kuphela abangekho ngenxa yokulimala.
“Ngenhlanhla, asizange sithole ukulimala ngesikhathi sisekhempini.
“Mhlawumbe kuyo yonke imidlalo yokulungiselela isizini, ukulimala okukhulu esibe nako kube okukaSipho Mbule. NoRonwen ufike ekhempinii esevele elimele.
OLUNYE UDABA: Lisale libamba liyeka elePSL lilaxazwa umqeqeshi
“Kodwa ngaphandle kwalokho, konke kuhambe kahle kakhulu.”
