EzintshaMotsepe Foundation Championship

Kuvela okubalekise uMammila kwiBaroka

Usihlalo weBaroka FC, uKhurishi Mphahlele useveze isizathu esenze ukuthi basheshe bahlukane nomqeqeshi uMorgan Mammila. 

Lo mqeqeshi ubefike kuleli qembu ngesikhathi lidlala eyokuhlunga ekupheleni kwesizini edlule.

Ube esethembisa izulu nomhlaba, ethi nakanjani iBaroka uzoyibuyisela kwiBetway Premiership ngesizini ezayo.

Kodwa ngenxa yemiphumela emibi ekuqaleni kwesizini, nokudlala ibhola eliphathisa usihlalo ngenzululwane, ugcine ekhululile.

Empeleni, ngokusho kukaMphahlele iqembu beselishintshe ngendlela yokuthi kwayena ubengasaliboni ukuthi libhekephi. 

“Wesulile emsebenzini, kodwa angithukanga ngoba nami bengibona ukuthi udidekile,” kusho uMphahlele kwiKickOff. 

“Angifuni ukukhuluma kakhulu ngakho, kodwa ibhola ebesilidlala bese lihluke kakhulu (kwesilijwayele). 

“Ngaze ngamtshela ngathi, ‘angilazi leli qembu elidlala la. Akuyona iBaroka le engiyazilo. Enye into nje’,” kuqhuba uMphahlele.

Uthe wabe esemcela ukuthi abhale umbiko ngokuthi kwenzakaleni kule midlalo emibili abebesayidlalile.

“Akakwazanga ukungiphendula, wangitshela ukuthi kunzima nje kuphela.

“Kunzima kuwo wonke amaqembu. Yilokho akubhala embikweni wakhe uma ngimcela wona. 

“Kodwa uqhubekile nokungitshela ukuthi kunzima ngamtshela ukuthi ‘kunzima kuwo wonke umuntu, ngisho nakwabasebhentshini’.”

Enye into angayithandanga uMphahlele wukuthi kusayinwe inqwaba yabadlali asebekhulile, kodwa ngeke abaxoshe noma umqeqeshi obalandile esehambile.

“Anginankinga nabadlali abasayiniwe. Besisebenza ngokubambisana ukubasayina,” kuqhuba yena. 

“Kodwa okungixhilayo wukuthi iningi labo selikhulile… Yilokho kuphela engikhala ngakho.

“Kodwa angikhali neze ngezinga labo, wukuthi nje sebekhule kakhulu.”

Uveze nokuthi okwamanje ngeke azixake ngokulanda omunye umqeqeshi kodwa kuzobamba uJJ Hlungwani obeyiphini. 

Uthe uHlungwani usenonyaka eseqenjini ngakho uyalazi kumele lidlale kanjani, futhi ubona esawubambe kahle umsebenzi. 

Ubone emidlalweni yobungani abayidlalile ngempelasonto ukuthi ubuyisela iqembu kule ndlela elaziwa liyiyo.