
UMandla Ncikazi uveza abakufunde ngePSL muva nje
Iphini lomqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi useveze isifundo esinzima abasifunde ngeBetway Premiership kule sizini.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto zihlulwe emidlalweni lapho beziyizintandokazi, okulindeleke ukuthi zithathe amaphuzu alula kuyo.
Zisanda kuhlulwa ngo 2-0 yiMarumo Gallants okuvumele iMamelodi Sundowns ukuthi inwebe igebe lamaphuzu ezihola ngawo phezulu kwilogi.
Ziphinde zathwala kanzima zibhekene neMagesi FC, kwadingeka ukuthi zivumele ukudlala ngokulingana kodwa uMandla Ncikazi uthi sebefundile kulokho.
I-Orlando Pirates kuzomele ibe sezingeni eliphezulu uma isihlangana neStellenbosch FC emdlalweni womzuliswano wesibili kweyeligi ekuhambeni.
IStellies yawabhuquzisa amaBhakabhaka esegcekeni lawo e-Orlando Stadium emzuliswaneni wokuqala.
La maqembu womabili, anombango omkhulu phakathi kwawo ahlangana e-Athlone Stadium ngoLwesibili ebusuku.
- SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
UMandla Ncikazi uthi balindele umdlalo onzima, kodwa bayakwazi okumele bakwenze ukuze banqobe.
“Silindele umdlalo onzima. Kuzophinde kube ngomunye umdlalo ofana nowamanqamu eqenjini lethu njengenjwayelo,” kusho uNcikazi.
“Kufanele sidlale kahle, kufanele nje silwele amaphuzu sibhekene neqembu elihle kakhulu.
“Kodwa nginethemba elikhulu lokuthi sizophumelela,” kwengeza le nsizwa eyake yacija iGolden Arrows.
Pho yisiphi isifundo abasifundile? Hhayi-ke, silula ngempela, ngokusho kukaNcikazi.
“Awukho umdlalo olula kwi-PSL, sesikufundile lokho. Kufanele nje sihlaziye umdlalo ngamunye ngokusemandleni ethu.
- FUNDA NALA | Okusha ngelikaSipho Mbule kwiSekhukhune
“Futhi kufanele senze abadlali bethu bazethembe. Kufanele sibavumele badlale ngaphandle kokwesaba.
“Uma senza lokho siyathemba ukuthi amaphuzu amathathu kuzoba ngawePirates ekupheleni komdlalo.”
