UMokwena usayine umgadli obedlala kwi-AC Milan
- Intatheli yeLISENETHINI
IWydad Athletic Club isayinise umgadli oke wadlala kwi-AC Milan, uMbaye Niang ngenkontileka yonyaka owodwa.
Lo mgadli waseSenegal usanda ugcine ukubonakala phesheya edlala kwi-Empoli kwiligi yase-Italy, iSerie A.
U-Niang phambilini uke wadlala kwi-Adana Demirspor, AJ Auxerre, Bordeaux, Torino, Genoa (wonke waseFrance), neWatford kwiPremier League yase-England.
Ebholeni lamazwe ngamazwe, uNiang usedlalele iSenegal amahlandla angu-15, washaya amagoli amane.
Ubeyingxenye yeqembu leSenegal eladlala kwiFifa World Cup ka-2018 ne-Africa Cup of Nations ka-2019, lapho befinyelele khona kowamanqamu.
IWydad iqeqeshwa nguRulani Mokwena obeqeqesha iMamelodi Sundowns ngesizini edlule.
UMokwena wakha isikwati esiqinile ngaphambi kwemidlalo yeFifa Club World Cup ezoba se-US ngonyaka ozayo.
I-Wydad izomela i-Afrika, ihambisana namanye amakilabhu amathathu, futhi inethemba lokuthi izogqama ezingeni lomhlaba.
Ngaphandle kukaNiang, uMokwena usesayinise nabanye abadlali abamqoka okukhona kubo u-Abdelmounaim Boutouil noHamza Khabba.
Uphinde walanda nowayengumdlali weSundowns uCassius Mailula amboleke kwiToronto FC yaseCanada edlala kwi-US Major League Soccer.
IWydad ilungiselela isizini enzima kwiBotola Pro League la iqede khona endaweni yesihlanu ngesizini edlule.
Ukusayina kukaNiang kuyingxenye yesu leWydad lokuqinisa isikwati sayo ngabadlali abanamava.
Lezi zinkunzi zaseMorocco zihlose ukuphinde zidle isicoco kwiBotola Pro League nokugila izimanga kwiFifa Club World Cup.