
Kube nzima kuBroos ukushiya ngaphandle uMothwa
- Sibongiseni GUMBI
UVeli Mothwa ngomunye wabadlali abebelokhu bekhona eqenjini likaHugi Broos kusukela athatha umsebenzi wokucija iBafana Bafana.
Ubesala ngaphandle uma elimele, kodwa kulokhu ushiywe yize ewumqemane.
UMothwa, uPercy Tau noSiyabonga Ngezana basalile eqenjini eliqokelwe ukubhekana neCongo Brazzaville.
Lamazwe azogadulisana emidlalweni emibili yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seMorocco ngoDisemba/Januwari.
UNgezana usale ngaphandle ngoba elimele futhi engadlali naseqenjini lakhe iFCSB.
“Okwenzeka kuVeli kungenzeka nakuRonwen Williams, kuyadabukisa ukuthi kwenzeke kuVeli,” kusho uBroos ngoMothwa.
UMothwa wenza iphutha elibucayi, ehlulwa yibhola elilula ngesikhathi iBafana ibambana ne-Uganda ngenyanga edlule.
Leli phutha lakhe laphuthisela iBafana ngamaphuzu amathathu ayezoyibeka ethubeni elihla kakhulu lokungena kwi-Afcon.
Waphinda wenza elifanayo nasekilabhini yakhe, AmaZulu FC ewadlisela emdlalweni wokuqala weligi.
Ngemuva kwalokho, uPablo Martin, obengumqeqeshi woSuthu oxoshwe kuleli sonto, wabe esembeka ebhentshini wadlalisa umfana omncane u-Olwethu Mzimela.
Abanye abadlali abasalile abebekhona esikwatini sabadlali abangu-32 oBradley Cross, uBathusi Aubaas, uSinoxolo Kwayiba, uTshegofatso Mabasa, uMihlali Mayambela, noDevin Titus.
