
Kuqhume induku kwamiswa umqeqeshi kweleNFD
Ukuhlulwa okuyihlazo ngo 5-1 yiHighbury FC kube yihlazo elibi neselenze abaphathi beMilford FC bamfaka amasondo umqeqeshi.
UMandla Qhogi ungene ehlazweni elibi iqembu lakhe lihujiswa izithunzi futhi lishaywa kabuhlungu ngempelasonto edlule.
Lona kube sekuba wumdlalo wokugcina kulo mqeqeshi oke wasebenza enkulisa ye-Orlando Pirates isikhathi eside.
IMilford FC, engelinye lamaqembu ahubhaisicoco kwiMotsepe Foundation Championship imise uQhogi kulandela imiphumela engemihle esigabeni sesibili kwiligi.
Leli qembu lase-KZN liqale isizini livuthalingabaselwe, laqhwakela amasonto ambalwa.
Lokhu kuhlanganisa ukungehlulwa emidlalweni yabo yokuqala eyisithupha ngaphansi kukaQhogi.
Kodwa kusukela ngoNovemba, izinto zijikile kuleli qembu, lehlelwa yifomu.
Linqobe imidlalo emibili nje kuphela kweyishumi edlule kwiligi.
Lokhu kwehla kuholele ekwehleleni endaweni yesihlanu kwilogi, njengoba inamaphuzu angu-29.
Manje seyisilele kwiDurban City FC ehamba phambili kwiligi ngamaphuzu ayisishiyagalombili, kanti sekusele imidlalo engu-11.
IMilford FC isimemezele ukuthi usihlalo uPupuma Xanti nguye ozobuyela ezintanjeni zokuqeqesha.
UPupuma ubephethe leli qembu ngesizini yalo yokuqala kule ligi yesigaba sokuqala.
Lodokotela wezifo zabesifazane wazakhela igama ngesikhathi enqoba kwiKaizer Chiefs kwiNedbank Cup.
Uphinde waqeda endaweni ka-13 ngamaphuzu angu-34, eshiya iqembu eladliwa yizembe ngamaphuzu amathathu nje kuphela.
Umdlalo wokuqala kaPupuma ephethe kuzoba yimpi yeNedbankCup yokulwela indawo kwayisishiyagalombili okugcina.
IMilford izobhekana neSekhukhune United kulo ngeSonto ntambama.
