EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

Kuphambana izibuyekezo kwiPirates neChiefs ngawedabhi

Lezi ziqhwaga ezimbili zebhola laseNingizimu Afrika zizohlangana e-FNB Stadium ngoFebhuwari 28. 

NgoLwesithathu ekuseni kuphume imilayezo ephikisanayo evela kula maqembu mayelana namathikithi alo mdlalo.

I-Orlando Pirates ingene kwi-X yamemezela ukuthi asekhona amathikithi asatholakala ezitolo. 

Kodwa, emizuzwini embalwa kamuva, iKaizer Chiefs yamemezela ukuthi amathikithi asephelile wonke futhi yonke indawo. 

IKaizer Chiefs ikuqinisekisile ukuthi zonke izihlalo zalo mdlalo ozobaFNB Stadium – ethwala abalandeli abangu-90 000 – sezithengiwe.

Lokhu bakuchaze njengokunye okudayiswa ngokushesha emlandweni walo mdlalo.

Amahlebezi okuthi amathikithi adayiswe aphela aqale kusaphele amahora ambalwa eqale ukudayiswa ngoLwesibili.

Khonamanjalo iChiefs iphinde yanikeza isibuyekezo ngezinye izinto zokuthokozisa abalandeli ngalolu suku:

  • IVuvuzela ekhethekile: Kunohlelo lokuphisana ngeVuvuzela ekhethekileyokuhlonipha ingwazi uDoctor Khumalo kubalandeli abazosheshe bafike0. 
  • Umklomelo omkhulu: Uhambo olukhokhelwe zonke izindleko oluya kwiNdebe yoMhlaba. 
  • Idili lomculo ngesikhathi sekhefu: Kuzoba nabaculi baMapiano abazonandisa behambisan neVuvuzela Choir.
  • Imiklomelo yemali: Ngesikhathi sekhefu kuzophinde kube nezipho zemali zika-R5 000 no-R10 000 kubalandeli abanenhlanhla.

Ngokomgqigqo, womabili lamaqembu asefomini enhle okuzkwenza lo mdlalo ube sezingeni eliphezulu nasenkundleni. 

  • IKaizer Chiefs: Isefomini enhle futhi isinqobe emihlanu, yahlulwa kowodwa emidlalweni eyisithupha kuze kube manje kulo nyaka.
    Njengamanje Amakhosi ahlezi esicongweni eqoqweni labo leCAF Confederation Cup futhi asezithendeni zePirates kwiBetway Premiership.
  • I-Orlando Pirates: AmaBhakabhaka asesimweni esihle kakhulu kule sizini.
  • Lokhu kwenza le dabhi ibe ngeyokuqala eminyakeni lapho zombili lezi ziqhwaga zaseSoweto zizodlala zibanga isicoco seligi.

⛔ Isexwayiso sezokuphepha: Uma ungenalo ithikithi, dlalela kude neFNB Stadium ngosuku lomdlaloA

IChiefs neSAPS bakhiphe isexwayiso esiqinile: Ungasondeli e-FNB Stadium ngaphandle kwethikithi elisemthetwheni.

Ukuphepha kuzobe kuqashwe ngezindlela eziningi. Abangenawo amathikithi bayanxuswa ukuthi bahlangane emakhaya noma “ezindaweni zabalandeli” ukuze babukele umdlalo kumabonakude.

Nalaba abagcina sebeqoqana ezindaweni zokupaka eduze neFNB Stadium bazoba neshwa kulokhu ngoba bazoxoshwa ngenxa yezizathu zokuphepha.